South Africa (1) 1
Tunisia (0) 0
IBANYANA Banyana ibe iqembu lesine elizomela izwekazi i-Afrika kwiNdebe yoMhlaba yangonyaka ozayo ngesikhathi idlulela kowandulela owamanqamu kwiWomen's Africa Cup of Nations (Wafcon) ngokuguqisa iTunisia ngo 1-0 ePrince Moulay Hassan Stadium ngoLwesine ebusuku.
Igoli elithengele iqembu lakuleli ithikithi elibheke e-Australia naseNew Zealand livalelwe uJermaine Seoposenwe esiwombeni sokuqala salo mdlalo wama-quarterfinal.
USeoposenwe ukhombise zibekwa ukuthi useluleme ngemuva kokuthinteka eqakaleni kowokugcina wamaqoqo bebhekene neBotswana, edlulisa izitobha ezimbili ngomzuzu wesishiyagalolunye kodwa ishodi lakhe aligcwalanga, walibamba kalula unozinti.
Uthole igoli lakhe lesibili kulo mqhudelwano ngomzuzu ka-14 efica iphasi enhle ebivezwe uNomvula Kgoale, walibeka enethini unozinti waphambana nalo.
Ithuba leCarthage Eagles lokuqala livele ngoka-25 uLeila Maknoun ethola ibhola ngakwesokudla ngaphandle kwebhokisi. Udubule ishodi elishisayo elibheke epalini kodwa lamfica elilindile unozinti weBanyana, u-Andile Dlamini.
Iqembu lakuleli liwatholile amanye amathuba okwengeza amagoli kodwa lahluleka ukuwasebenzisa, kwayiwa ekhefini lisahamba phambili ngo 1-0.
Kwenzeke esifanayo nasesiwombeni sesibili iBanyana ingena ingenile ebhokisini isebenzisa ijubane likaSeoposenwe noNoxolo Cesane kodwa ibhola lingapheleli enethini.
Cishe konakala ekugcineni kwezika-Desiree Ellis ngesikhathi uBambanani Mbane ewisa umdlali waseTunisia ebhokisini kodwa unompempe wathi akukho okungalungile akubonile.
IBanyana isizobhekana nelinye iqembu eliqhamuka esifundeni seCosafa, iZambia, kowandulela owamanqamu ngoMsombuluko ngo-7 ebusuku.
Komunye owandulela owamanqamu ozodlalwa ngosuku olufanayo ngo-10 ebusuku kuzodudulana osokhaya iMorocco nabavikela isicoco iNigeria.