Netherlands (1) 2
Banyana Banyana (0) 0
LUPHELELE kwiLast 16 uhambo weqembu lakuleli lesizwe lebhola labesifazane eNdebeni yoMhlaba ngesikhathi lithelwa phansi yiNetherlands ngo 2-0 Allianz Stadium, eSydney, e-Australia, ngeSonto ekuseni.
Amagoli eNetherlands abekwe enethini nguJill Roord noLineth Beerensteyn ngokwehlukana kweziwombe.
Umqeqeshi uDesiree Ellis wenze ushintsho olulodwa eqenjini eliqale ngesikhathi benqoba yi-Italy ngo 3-2 kowokugcina wamaqoqo.
UKholosa Biyana, owayemisiwe ngenxa yokuthola amakhadi aphuzi emidlalweni emibili yokuqala, uthathe indawo kaRobyn Moodaly esiswini.
Ukaputeni uRefiloe Jane kubukeka sengathi akakalulami selokhu alimala kowesibili ne-Argentina njengoba engafakwanga nasohlwini lwabadlali abaqale ebhentshini.
Elakuleli liwuqale kahle umdlalo likhombisa ukungayisabi iNetherlands kwaba yilona elikhahlelela ipali kuqala ngesikhathi uThembi Kgatlana eqhamuka ngakwesokunxele, kodwa ibhola lakhe lamthola emi kahle unozinti uDaphne van Domselaar.
Nokho lizithole selilandela ngemuva ngomzuzu wesishiyagalombili ngelinye igoli eliqhamuke kwikhona. ULieke Martens ulibhekise epalini ngekhanda, lavinjwa nguLebogang Ramalepe, kodwa lamwela kahle uRoord, walingqomfela phakathi eseduze.
Iqhubekile nokuhlasela iBanyana idla kakhulu ngesivinini sikaKgatlana obezishiya sengathi zimile izitobha zeNetherlands, kodwa zitakulwe ngunozinti wazo.
IBanyana iphinde yabhekwa yisambane ngesikhathi ilinyalelwa yizethenjwa zayo kungakayiwa nasekhefini. Kuqale kwalimala Jermaine Seoposenwe, indawo yakhe yathathwa nguWendy Shongwe, kwalandela uBambanani Mbane odlala emuva, ongenelwe nguTiisetso Makhubela.
Noma kunjalo kuphele isiwombe sokuqala ezikaDesiree Ellis kuyizona ezikhombisa umfutho wokufuna igoli, kodwa zisahluleka ukudabula kunozinti weNetherlands.
INetherlands iphinde yalibeka enethini ngomzuzu ka-54 ngonyawo lukaMartens kodwa igoli langabalwa ngenxa yokuthi lowo obemphasele, uVictoria Pelova, ubesemhlabeni ongamfanele.
Igcine ilitholile igoli lesibili ngomzuzu ka-68 ngeshodi elishaywe nguBeerensteyn kwesokunxele, ladlula ezandleni zikanozinti weBanyana, uKaylin Swart, layonamathela enethini.
Izamile ukuzibuyisela emdlalweni iBanyana kodwa uVan Domselaar ala ukhasha. Ngomzuzu ka-72 lo nozinti uchithe ibhola ebeliyingozi ebelishaywe nguLinda Motlhalo.
UBeerensteyn ubecabanga ukuthi useyingcwabile iBanyana ngomzuzu ka-80 ngesikhathi edlula kuSwart wabe eselivalela phakathi, kodwa naye kwatholakala ukuthi usheshile ukuphuma isikhala.
Yonke imizamo yeBanyana yokuthola igoli ngasekupheleni komdlalo ayiphumelelanga, elaseNetherlands ladlulela kuma-quarter-final lapho selizobhekana neSpain ngoLwesihlanu.