XOLILE MPISANE
South Africa (3) 6
Mozambique (0) 0
IBANYANA Banyana ingene kalula emzuliswaneni wokugcina wokuhlungela i-Africa Women's Cup of Nations (AWCON) ibhudluza iMozambique ngo-6-0 eFNB Stadium ngoLwesibili ntambama.
Elakuleli linqobe ngo-13-0 uma sekuhlanganiswa imilenze yomibili njengoba ladlula ngo-7-0 emlenzeni wokuqala eMaputo ngesonto eledlule.
EzikaDesiree Ellis zimoshe amathuba zisuka ngenxa yokuxhamazela phambi kwepali kodwa zagcina zilitholile igoli lokuqala ngomzuzu wesishiyagalolunye, uBambanani Mbane evalela phakathi ikhona ebigotshwe nguGabriela Salgado.
ULinda Motlhalo uzenzele wonke umsebenzi ngaphambi kokushaya igoli lesibili ngomzuzu ka-32. Uthole ibhola ngakwesokunxele, wazihambela yedwa waze walinamathelisa enethini.
USalgado, obeyiphela endlebeni ezitobheni zeMozambique, uphinde wagoba ibhola elihle ngakwesokudla ngomzuzu ka-40, uHildah Magaia walivalela phakathi kalula kwashintshwa iBanyana ihamba phambili ngo- 3-0.
Isiwombe sesibili siqale ngendlela okuphele ngaso esokuqala ngesikhathi uSalgado ethumela enye ikhona ebiyingozi ebhokisini, uMagaia wayingqofela phakathi.
UMotlhalo naye uzitholele igoli lakhe lesibili ngomzuzu ka-64 evalela ibhola elihamba phansi ebeligotshwe nguNoxolo Cesane ngakwesokudla.
Igoli lokugcina lingene ngomzuzu ka-85 uSibulele Holweni ethola iphasi ebivela kuMotlhalo, wajika umdlali oyedwa ngaphambi kokulibeka enethini ngobunyoninco.
IBanyana izobhekana neqembu elizonqoba phakathi kwe-Algeria neSudan emzuliswaneni wokugcina wokuhlunga.
I-Algeria inqobe ngo-14-0 emlenzeni wokuqala kanti owesibili, obekumele udlalwe ngoLwesibili, uhlehlisiwe ngenxa yokubheduka kodlame eSudan.
Ozodlula lapha uzobe esezibekisele indawo kwi-AWCON engonyaka ozayo eMorocco.