AmaZulu FC (0) 0
Golden Arrows (0) 0
AmaZulu FC neLamontville Golden Arrows bayeke ingqayizivele yethuba lokunombela kwi-log yeBetway Premiership ngokucazelana ngamaphuzu emdlalweni weligi ngoMgqibelo eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Umdlalo uqale womabili la maqembu akwelikaBhanana ekuqonda kahle kamhlophe ukuthi iwini izowaqalisa kahle unyaka kwazise Usuthu beluzongena kwi-Top 8, izivakashi bezizogxumela endaweni yesine kwi-log.
Sekuwumlando ukuthi lokho akwenzekanga kwazise womabili la maqembu angomakhelwane ayeke inqwaba yamathuba awathole ngokwehlukana kweziwombe.
I-Arrows kufanele imbonge unozinti wayo, u-Ishamel Watenga, kwazise uyilamulele kunzima umdlalo ungakafiki emzuzwini ka-10 lapho evimbe khona amabhola amabi amathathu kulandelana.
Kube Usuthu nokho olukhombise kuqala izinhloso nezimpawu zokuwuqala ngokubonana kangcono umdlalo ikakhulukazi kubadlali bamamaphakathi nenkundla.
UWatenga uphinde walamula sezibheke emzuzwini ka-20 kulokhu ngokugeza uTsepang Moremi obekufanele aphakele ozakwabo abebemi kahle ngaphakathi kodwa wakhetha ukuziyela yena.
Umdlalo uhambe ngaleyo ndlela kugqame Usuthu kwaze kwaba kuyiwa ekhefini lingekho nokho eselibonile lapho amapali ebegxunyekwe ngakhona.
Kube sengathi iyawukhuphula umdlalo i-Arrows esiwombeni sesibili kodwa bekulokhu kuseyiqembu lasekhaya ebelifika kulandelana kuWatenga kwazise bese livunyelwa nawumoya.
I-Arrows ilifakile ibhola enethini kodwa laphikwa ngoba kusolwakala i-offside kuSiyanda Mthanti. Kwenzeke okufanayo kuMoremi esewashayele igoli AmaZulu.
Ngemizuzu yokugcina engu-10, u-Etiosa Ighodaro uhlulekile ukubheka AmaZulu ebuhleni kulandela ibhola eligotshwe nguRiaan Hanamub kwesokunxele kodwa ibhola lakhe lashaya ipali labuyela enkundleni, selimdlile uWatenga.
Umdlalo uqhubeke ngaleyo ndlela kungathi Usuthu luzogcina luhlomulile kodwa futhi ibilokhu ikhona nengozi yokuthi Abafana Bes’thende bawahlwahlwithe ekugcineni amaphuzu agcwele kwaze kwaba uyaphela.