Mozambique (1) 1
South Africa (0) 1
IZIBEKISELE indawo kowandulela owamanqamu weCosafa Women's Championship iBanyana Banyana ngesikhathi idlala ngokulingana ngo 1-1 neMozambique kowokugcina wamaqoqo e-Isaac Wolfson Stadium, eGqeberha ngoLwesibili.
Igoli leMozambique livalelwe nguCidalia Cuta esiwombeni sokuqala, eleBanyana lashaya nguSphumelele Shamase kwesesibili.
La maqembu abebanga ukuqeda esicongweni. IBanyana ingene iphethe amaphuzu ayisithupha ngemuva kokubhaxabula i-Angola ngo 3-0 neMauritius ngo 4-0. IMozambique ibibhudluze IMauritius ngo 5-0 yabambana ne-Angola ngo 1-1.
Iqembu lasekhaya eliholwa uSimphiwe Dludlu lihlasele kuqala kwasebenza unozinti uNeima Nhamire, ephebeza ishodi likaShamase ngomzuzu wesine.
Ngomzuzu ka-25 uBusisiwe Ndimeni umoshe ithuba elihle elingqofela eceleni ibhola ebeligotshwe nguNothando Vilakazi ngakwesokudla.
Izivakashi bezingaliphethe kakhulu ibhola kodwa zikwazile ukuyibhakuzisa kuqala inethi ngomzuzu ka-27. ULonica Tsanwane ufake ibhola elide phambili, uCuta walivalela phakathi esephumile unozinti epalini.
UShamase uphinde wazama ekude ngomzuzu ka-37 kodwa kulokhu ibhola lishaye kwi-crossbar labuya, lameqa uNdimeni obesethi uyoliqedela.
IBanyana ibuye isashisa esiwombeni sesibili yasheshe yalithola igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-52. UVilakazi uphinde wagoba ibhola elihle ngakwesokunxele, uShamase walibeka phakathi ngebatha esebhekene nonozinti.
Lokhu kuchaza ukuthi iBanyana iqede iqhwakele kuGroup A ngamaphuzu ayisikhombisa, kanti iMozambique ilale isibili ngamaphuzu amahlanu.
Iqembu lakuleli selizobhekana neNamibia, elale isibili kuGroup B, kowandulela owamanqamu ngoLwesihlanu.