UTHEMBISA elinye iqhinga emdlalweni wamanqamu umqeqeshi weBanyana Banyana, uMaud Khumalo. Ezakhe zizotholana phezulu neZambia kowamanqamu eHollywoodbets Cosafa Women’s Championship, namuhla ngo-3 ntambama, e-Isaac Wolfson Stadium, eGqeberha.
Ufaniswa nowamagqubu umdlalo wanamuhla wamanqamu ngoba iqembu laseZambia, laguqisa iBanyana ngo 1-0 kowamanqamu alo mqhudelwano owawudlalelwa kule nkundla yaseGqeberha ngo-2022.
Ngale kokuba wumdlalo wamagqubu owanamuhla wamanqamu, iBanyana ibhekene nenselelo yokubuyisa isithunzi sayo kulo mqhudelwano weCosafa. Phela iBanyana isaphethe irekhodi lokuwunqoba amahlandla ayisikhombisa, ukwedlula wonke amaqembu kusukela ekusungulweni kwawo ngo-2002.
Nokho, leli qembu elingosokhaya lagcina ngo-2020 ukunqoba lo mqhudelwano ngokuguqisa iBotswana ngo 2-1 kowamanqamu. Ngakho ukunqoba kwalo kowamanqamu namuhla kuzosho ukuqopha elinye irekhodi lamahlandla ayisishiyagalombili lokunqoba umqhudelwano. Amanye amaqembu aseke awunqoba yiZimbabwe, Tanzania, Zambia neMalawi, womane asawunqobe ihlandla elilodwa.
“IZambia inabadlali abanemizimba eqatha, ngakho kuzofanele sishintshe iqhinga lethu lokudlala ukuze sikwazi ukumelana nayo. Sizobona ukuthi ukuthi yibaphi abadlali esizobasebenzisa ezindaweni ezithile. Sizoshintsha ukwenza, ukuze sikwazi ukuwunqoba umdlalo sibuye nendebe,” kusho uKhumalo.
Uqhube wancoma abadlali bakhe ngendlela abakhombise ngayo isibindi nokuvuthwa emdlalweni wowandulela owamanqamu ngokwehlula iMozambique.
Kulo mdlalo wowandulela owamanqamu, iBanyana ibuye isilandela emuva ngo 1-0, yathola elokulinganisa sekusele kancane ziye ekhefini ngephenathi kaTshegofatso Motlogelwa, waphela zibambene ngo 1-1. iBanyana inqobe ngo 3-1 sekukhahlelwa amaphenathi.
ICopper Queens izibekisele indawo kowamanqamu ngokuthela isibhaxu sika 2-0 iMalawi okuyiyona ebingompetha abebevikela isicoco seCosafa eyayisinqobe nyakenye, iguqisa iCopper Queens ezibuyise zishisa izinduku.