MTHOKOZISI MNCUSENI
Bafana Bafana (0) 2
Eswatini (0) 1
IBAFANA Bafana iphinde yavumela ukuthi izitha zilithole kuqala igoli ngesikhathi inqoba kwi-Eswatini emdlalweni wokusonga u-Group A weHollywoodbest Cosafa Cup izolo ntambama, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
Lo mphumela ufaka iBafana kowandulela amanqamu alo mqhudelwano ozodlalelwa eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoLwesihlanu.
Bese kungokwesithathu kusukela kuqale iCosafa ukuthi iBafana ivumele ukuqala ngokulandela emuva njengoba yenzile koweNamibia nakoweBotswana.
Inkundla ivulwe nguBongwa Matsebula, ngengcwenga yegoli alishaye zisanda kubuya ekhefini kwalinganisa kwaphinde kwaqeda, uTshegofatso Mabasa, obesanda kungena, naye esiwombeni sesibili.
Kucace ngemizuzu yokuqala engu-20 ukuthi i-Eswatini ibingazele ukuzobuka iBafana izenzela kepha ibizoyithwesa ubunzima.
Yize abantu baKwaMashu abebephume ngezinkani bebekhombisa izimpawu zokujabulela noma yini ebiyenziwa kahle yiBafana kodwa i-Eswatini ibilokhu ibukhombise njalo ubungozi bayo ngeyayo iminyakazo.
Seziyela ngasekupheleni kwesiwombe yi-Eswatini ebisingena kuvalwe amehlo ezintini, zikaJethren Barr, ocishe wenza iphutha ngomzuzu ka-41.
Esiwombeni sesibili; izivakashi ziqale sengathi bese zitsheliwe ukuthi iBafana iyavuma kwazise beziyingena kuthule cwaka enkundleni nesibalo samakhona silokhu sikhule njalo.
Igoli alizange liwehlise umgqigqo we-Eswatini kodwa kube sengathi libaqalisa phansi.
Imizamo yeBafana yokufuna ukulinganisa ibiyingozi kuyona kwazise bekuyishiya iklayekile emuva obekuvulela izivakashi amathuba amanye amagoli.
Kuhambe kwaze kwacaca ukuthi kumele enze izinguquko umqeqeshi weBafana, uMorena Ramoreboli, ofake oTebogo Tlolane, Shaune Mogaila noMabasa, ezindaweni zoRowan Human, Thabo Cele noVictor Letsoalo.
UMabasa ulinganisele iBafana kungalindelekile ngenguzunga yeshodi emfice engalindele unozinti we-Eswatini.
Kuvuke iqembu lasekhaya emuva kokulinganisa nabalandeli abese bejokole kube sengathi bathola umjovo wokubavusa nangempela ngomzuzu ka-89, wabavala umlomo laba abamhhewulayo uMabasa ngegoli lokuwinisa.
Komunye umdlalo waleli qoqo obuqhubeka phakathi kweNamibia neBotswana uphele zibambene ngo 0-0 eMoses Mabhida Stadium. Lokhu kuweza iBotswana neBafana.