Golden Arrows (1) 3
Cape Town City (1) 1
ILAMONTVILLE Golden Arrows iqhubekile nokukhombisa ukuba yiqembu elizoba yingozi kule sizini yedlulela kuma-quarterfinal eCarling Black Label Knockout ibhaxabula iCape Town City ngo 3-1 koweLast 16, eMpumalanga Stadium, eHammarsdale, ngoMgqibelo ntambama.
i-Arrows yiyona ebone inethi kuqala ngonyawo lukaTebogo Tlolane eshaya enweba unozinti weCity, uDarren Keet onwebeke waphelela kodwa wahluleka ukulithola labhajwa ezintanjeni ngomzuzu ka-27 ngemuva kwebhola abelibekelwe wuNduduzo “Sulumane” Sibiya.
Nokho ukuhuqa ubuthongo kwabadlali basemuva be-Arrows kuholele ekutheni uTaahir Goedeman atholele iCity igoli lokulinganisa ngomzuzu ka-35 ethola ebhola eyedwa ngemuva kokubekelwa wuThabiso Kutumela. Ziye ekhefini zibambene ngo 1-1, kodwa iCity ikhombisa ukuba yiqembu elicindizelayo.
Umqeqeshi we-Arrows, uMabhuti Khenyeza kubukeka esheshe wasibona isidingo sokwenza izinguquko ngokushesha ngenhloso yokuthola igoli, njengoba zibuye ekhefini esegadla ngoKnox Mutizwa ongene endaweni kaLungelo Nguse.
Nebala i-Arrows ikhombise ukuba yiqembu elizimisele ngokuthola igoli ngokushesha, njengoba uMutizwa egingqwe ebhokisini wuLorenzo Gordinho unompempe uThando Ndzandzeka walikhomba emlotheni ngomzuzu, uSibiya wathatha iphenathi wayibeka enethini ngomzuzu ka-48 kwaba ngu 2-1.
Iqhubekile i-Arrows nokuhlasela ngamandla nokuthe ngomzuzu ka-58 uMutizwa wavalela phakathi igoli lesithathu ngemuva kokubekelwa wu-Angelo Van Rooi.
Nakuba i-Arrows ibikhombisa ukubangcono ngesiwombe sesibili, kodwa iCape Town City yiyona ekhombise ukuba yiqembu yiqembu eliyingozi kakhulu ngesiwombe sesibili, ihlasela ihlaselile, kuvalwe amehlo, kodwa yagcina ingalitholanga igoli lesibili.
Ukunqoba kwaBafana Bes’thende lo mdlalo kusho ukuqhubeka kwabo nefomu enhle selokhu kuqale le sizini nokufakazelwa wukuhlala kwabo endaweni yesibili kwi-log yeDStv Premiership ngemuva kweMamelodi Sundowns esaqhwakele phezulu.