XOLILE MPISANE
Cape Town City (0) 0
Royal AM (0) 0
IRoyal AM inqobe ngo 4-3 kumaphenathi
Unozinti weRoyal AM, uHugo Nyame ube yiqhawe ngesikhathi ezakhe zinqoba iCape Town City ngo 4-3 sekukhahlelwa amaphenathi emdlaweni weLast 32 weNedbank Cup obuseDHL Stadium ngeSonto ebusuku.
Lo nozinti ubambe amaphenathi amabili abekhahlelwe nguLorenzo Gordinho noKhanyisa Mayo, wafaka ezakhe kwiLast 16.
Bekungokwesibili kulandelana iThwihli Thwahla ikhipha iCity kulo mqhudelwano njengoba yenza okufanayo ngesizini edlule, iyiguqisa ngo 2-1 kwiLast 16.
Ngaphambi kokuthi kuqale umdlalo iqembu lasekhaya lihloniphe ukaputeni uThamsanqa Mkhize, osedlale imidlalo engu-200 kulona selokhu alijoyina ngo-2016 esuka kwiMaritzburg United.
Ithuba lokuqala elikhulu litholwe yizivakashi ngomzuzu ka-26 ngesikhathi uKabelo Mahlasela elivezela uTebogo Potsane ngakwesokunxele ebhokisini kodwa ibhola lakhe lashaya ipali.
Amanye amathuba amabili abeyingozi esiwombeni sokuqala atholwe yiqembu lasekhaya. Ishodi likaMduduzi Mdantsane liphume eceleni kwepali ngomzuzu ka-30, kwathi uJuan Camilo Zapata walingqofela phezu kwepali ngoka-36.
Kwale kancane ukuthi ezikaJohn Maduka zihambe phambili ngomzuzu ka-47 kulandela ikhona abethi uyibeka phakathi ngekhanda uShadrack Kobedi, lavinjwa nguBongani Mpandle sekusele kancane leqe ulayini.
Lisukume lonke ibhentshi leCity ngomzuzu ka-74 libona sengathi uDarwin Gonzalez uwiswe ebhentshini kodwa unompempe akabonanga lutho olubi, umdlalo waqhubeka.
Unozinti weRoyal AM, uHugo Nyame, uhlenge iqembu lakhe esikhathini esingezwe ngunompempe evimba ibhola ebelithunyelwe nguTaahir Goedeman.
ICitizens ibisihlasela iphindelela esiwombeni sokuqala se-extra time kodwa yahluleka yancama ukuthola igoli uZapata benoGonzalez behluleka ukulibeka enethini.
Lokhu kuholele ekutheni umqeqeshi u-Eric Tinkler abakhiphe la badlali ngaphambi kwesesibili, wafaka Mayo noLuke Daniels, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya.
UMayo ulitholile ithuba lokuweza ezakhe seksiyophela isiwombe, ishodi lakhe lashaya kwi-crossbar selimdlile uNyame.
Eqenjini lasekhaya, uMdantsane, Lyle Lakay noBrice Ambina bawabeke phakathi amaphenathi abo, kanti awe-AM abekhahlelwe nguRuzaigh Gamildien, Shawn Mogaila, Samuel Manganyi noSedwyn George, wonke abhajwe ezintanjeni.