ZAKHELE XABA
IMENENJA kaSiphesihle Ndlovu, ongumdlali we-Orlando Pirates, isenalo ithemba ngokubolekiswa kwakhe ngaphambi kokuvalwa kwewindi lokusayiniswa kwabadlali.
UJazzman Mahlakgane, emasontweni adlule, uveze ukuthi bakhuluma nePirates mayelana nokubolekiswa kukaNdlovu futhi akhona amaqembu azimisele ngokumthatha.
UNdlovu uzanyelwa iqembu elizomboleka ngenxa yokuthi ulizwa ngendaba ijezi kweZimnyama ngaphansi kobuholi bukaMandla Ncikazi noFadlu Davids okungabaqeqeshi asebenze nabo evutha kwiMaritzburg United kumasizini adlule.
Usihlalo weTeam of Choice, uFarook Kadodia, ukuqinisekisile ukuthi iPirates inqabile noNdlovu befuna ukumboleka, izithethelela ngokuthi mhlawumbe izomdinga emidlalweni yeCaf Confederation Cup uma kukhona abadlali abahaqwe yigciwane iCovid-19.
Njengoba sekubalwa izinsuku kuvalwe iwindi lokusayinisa abadlali ngoMsombuluko, akucaci ngekusasa likaNdlovu ophelelwa yinkontileka ekupheleni kwesizini ka-2021/2022.
"Okwamanje iPirates ayikasitsheli lutho mayelana nokubolekiswa kwakhe. Sisalindile. Nakuba iwindi selizovalwa kodwa izinto ziyenzeka nangosuku lokugcina. Kukhona okusengenzeka," kusho uMahlakgane.
Ngaphandle kukaNdlovu, iPirates kulindeleke ukuthi iphumele obala ngoNkanyiso Zungu okukhona amaqembu afuna ukumboleka njengoba naye elizwa ngendaba ijezi kule sizini.
Emaqenjini okuthiwa ayamfuna kukhona iStellenbosch abevele edlala kuyo ngaphambi kokujoyina eZimnyama. Imenenja yakhe uMike Makaab idalule ukuthi kungamsebenzela uZungu ukubolekiswa kwiStellies eqeqeshwa nguSteve Barker ombuyisele ebholeni abaningi sebegeze izandla ngaye.
Izolo kuvele ukuthi iPirates isiyelule ngonyaka inkontileka kaGabadinho Mhango waseMalawi ogile izimanga emqhudelwaneni i-Africa Cup of Nations (Afcon) eqhubekayo eCameroon. UMhago ugoduke nezakhe eseshaye amagoli amathathu okukhona kuwo elihle alishaye bekhishwa yiMorocco kwi-Last 16 ngoLwesibili.
Khonamanjalo, kunezimdaba ezithi iStellies isayinise umdlali wasesiswini uSibongiseni "Ox" Mthethwa waseMtshezi ogawulwe yizembe neBlack Leopards ngesizini edlule.
Ubhekwe njengozovala isikhala sikaNathan Sinkala waseZambia okuthiwa uyahamba ekupheleni kwesizini.