ISILOMO sebhola laseNingizimu Afrika kwiKaizer Chiefs nakwiBafana Bafana, uDoctor Khumalo, sizishaya isifuba ngokukhombisa uClive Barker ukuthi usondelene kangakanani nenhliziyo yaso engakadluli emhlabeni.
Umndeni kaBarker (78) ukhiphe isitatimende ngoMgqibelo, umemezela ngokudlula emhlabeni kwale nkakha yomqeqeshi ngemuva kokugula.
Lo mqeqeshi uyena yedwa onerekhodi lokunqoba neBafana isicoco se-Africa Cup of Nations (Afcon), abakwenza ngo-1996, kuleli.
UBarker uke waqeqesha iBush Bucks, Durban City, Santos, Mpumalanga Black Aces, Bidvest Wits, Maritzburg United naMaZulu FC anqoba nawo isicoco seCoca-Cola Cup ngo-1992.
Alokhu engene njalo amazwi enduduzo emndenini. UKhumalo obekuvele kwaziwa ukuthi basondelene noBarker, naye akazange asale ngaphandle.
Ubhale ekhasini lakhe le-Instagram ekhombisa injabulo ngokuvakashela uBarker esaphila.
“Ngizizwa ngihloniphekile ngethuba onginike lona ukuba ngibe semzini wakho ukuze ngibe seduze kwakho, sichithe isikhathi ndawonye,” ubhale kanje efake isithombe sakhe noBarker ne-video ayiqopha ngesikhathi emvakashele eThekwini.
“Okungijabulisa kakhulu ukuthi ngithole ithuba lokukwazisa ngobuqhawe bakho nokuthi ngikubuka kanjani, ngazibongela kuwena ngakho konke ongenzele khona usangizwa futhi usangibona.
“Indlela owakhetha ungethemba ngayo iyamangalisa uma uzokhumbula futhi ukuthi uwena obone izinto kimina abaqeqeshi abaningi abebengaziboni.
“Ukungethemba kwakho bekunginika isibindi sokwenza lokhu okufanele ngikwenze enkundleni. Bengikwazi okufanele ngikwenze uma usuthi ”Dance Mdokisi! Dance Boy!“ (Dansa Mdokisi! Dansa Mfana) futhi yilokho impela engakwenza enkundleni.
“Kungenxa yakho ngigcine ngiba ilo mdlali engagcina ngibe uyena kanjalo nendoda engigcine ngiyiyona. Isikwati sethu sango-1996, sasingeke sikuzuze esakuthola uma kwakungesiyona imisebenzi yakho. Uwena owasishintshela izinto,” kusho uKhumalo.
IPremier Soccer League (PSL) ngosihlalo wayo, u-Irvin Khoza, neSouth African Football Association (Safa) ngomengameli wayo, uDanny Jordaan, nabo bawadlulisile awabo amazwi enduduzo.
“UBarker ubefana nesithunywa soMdali ukuba sizokwenza umsebenzi othile. Ubebizelwe kule nto. Uwenze ngesinono umsebenzi wakhe futhi ubekholelwa kwintando yeningi. Ubefana nesibani ebholeni laseNingizimu Africa,” ibhalwe kanje enye ingxenye yesitatimende sikaKhoza, abeyibhekise kwindoda kaBarker, uGavin.
“Kubuhlungu ukusishiya kwakhe. Ubengumuntu wabantu olenzele okukhulu ibhola laseNingizimu Afrika,” kusho uJordaan kweseSafa isitatimende.
Isilomo somqeqeshi wakuleli, uPitso Mosimane ubhale ekhasini lakhe kwi-Twitter ukuthi: “Ubenekhono elingatholakali kubaqeqeshi lokuba umngani, ubaba, umholi okubukelwa kuyena kodwa futhi engebona laba bantu okuthiwa abangeneki. Ngiyaziqhenya ngokuthi ngidlale ngaphansi kwesandla sakhe kwelesizwe.”
Umndeni kaBarker uthe uzomemezela ngezinhlelo zokumfihla nangenkonzo yokumkhumbula uma isikhahti sesifanele.