ALINDELE umqhudelwano onzima amaqembu azomela iNingizimu Afrika kwiCaf Women’s Champions League yanonyaka, iMamelodi Sundowns Ladies ne-University of Western Cape.
Lo mqhudelwano uzoqala namuhla eMorocco, usongwe ngoNovemba 23. Imidlalo izobanjelwa eBen M'Hamed El Abdi Stadium, e-El Jadida, naseLarbi Zaouli Stadium, eCasablanca.
IMamelodi Sundowns izobe idlala kuwona okwesine. Yaba yiqembu lokuqala ukuphakamisa indebe ngo-2021, yahlulwa yi-AS FAR yaseMorocco kowamanqamu ngo-2022, yaphinde yasibuyisa isicoco nyakenye.
I-UWC izobe idlala okokuqala kulandela ukunqoba oweCosafa wokuhlunga, iSundowns engawudlalanga ngenxa yokuthi izobe ivikela isicoco sezwekazi.
I-UWC izovula neTP Mazembe yaseDemocratic Republic of DR Congo e-El Jadida namuhla ngo-4 ntambama. Amanye amaqembu akuGroup A ngosokhaya i-AS FAR ne-Aigles de la Medina yaseSenegal.
Umqeqeshi we-UWC, uThinasonke Mbuli, ukholwa wukuthi abadlali bakhe sebekulungele ukuqhudelana namaqembu aphambili kuleli zwekazi.
“Ngiyabethemba bonke abadlali. Uma sibanxenxa ukuthi bajoyine iqembu sisuke sazi ukuthi bangakwazi ukufeza izinhloso zethu. Ukufinyelela kwiChampions League, okuwumqhudelwano omkhulukazi wamaqembu e-Afrika kusho lukhulu,” kusho uMbuli.
“Sifuna i-UWC nezwe lonkana liziqhenye ngathi. Leli yithuba lethu lokuqala lokudlala kulo mqhudelwano futhi kungenzeka kube elokugcina. Ngeke kube lula kodwa sikholwa wukuthi kungenzeka noma yini.”
ISundowns izoqala kuGroup B neFC Masar yase-Egypt (ebiyaziwa ngeTutankhamun FC), eCasablanca, ngoMgqibelo ngo-4 ntambama. Amanye amaqembu ezobhekana nawo kuleli qoqo yiCBE yase-Ethiopia ne-Edo Queens yaseNigeria.
“Siwubheke ngabomvu umqhudelwano. Okuhle wukuthi abadlali bami ngihlale ngibatshela ukuthi bazithobe. Kumele sikhumbule okwenzeka ngo-2022. Siyazi ukuthi abantu bazophuma ngobuningi babo eMorocco nokuzokwenza kube yinselelo kithina ukuvikela isicoco,” kusho umqeqeshi weSundowns, uJerry Tshabalala.
Iqembu elizophakamisa indebe lizothola u-600 000 USD (R11.4 million), eliphume isibili lithole u-400 000 USD (R7.6 million). Elizoqeda endaweni yesithathu lizogoduka no-350 000 USD (R6.6 million) kuthi elilale endaweni yesine lithole u-300 000 USD (R3.8 million).
Amaqembu azoqeda endaweni yesithathu eqoqweni ngalinye azohlomula ngo-200 000 USD (R3.8 million) kuthi azoqeda emsileni athole u-150 000 USD (R2.8 million).