KUNGENZEKA ulaka lwabalandeli luphoqe abaphathi beKaizer Chiefs ukushintsha umqondo ngomqeqeshi, u-Arthur Zwane, ophume enkundleni eseshaywa eRustenburg.
IChiefs yehlulwe yiSuperSport United ngo-1-0 eRoyal Bafokeng Stadium ngoMgqibelo ntambama. Lo mphumela uqinisekise ukuthi Amakhosi ngeke esayithola indawo emqhudelwaneni weCaf Champions League neCaf Confederation Cup ngesizini ezayo.
UZwane, obevele esenuka umzondo kubalandeli beChiefs, uphume esevikelwa ngamaphoyisa ngenxa yokuthi abalandeli bebefuna ukumudla luhlaza. Iphini lakhe, uDillon Sheppard, litshele abezindaba ukuthi ushayeke esweni ngesikhathi abalandeli bemjikijela ngezinto.
"Ngebhadi ulimele esweni. Angazi ukuthi kwenzekeni kodwa ngibone ebeke i-ayisi esweni. Ngakho kufanele ngithole imininingwane uma sengibuyile ezindlini zokushintshela," kusho uSheppard kwabezindaba ngemuva komdlalo.
Izolo leli phephandaba lizamile ukuthola ngesimo sikaZwane nokuphawula kweChiefs ngesehlakalo saseRustenburg kodwa uVina Maphosa, ongumkhulumeli wayo, wakhala ngokuxineka esontweni. Amakhosi kulindeleke ukuthi akhiphe isitatimende ngokwenzekile.
Ekupheleni kwesonto eledlule isikhulu seChiefs, uBobby Motaung, sicashunwe sithi bazomeseka uZwane lapho edinga khona usizo, sathi bazomqinisela iqembu ngesizini ezayo. Nokho ukushaywa kwakhe ngabalandeli kungenzeka kuholele ekutheni iChiefs ishintshe umqondo, izingele omunye umqeqeshi noma kube nguyena uZwane ozicelela ukushenxa esikhundleni.
Umlando uyakuveza ukuthi umqeqeshi ohlaselwe ngabalandeli akajwayele ukuqhubeka nomsebenzi. Ngo-2018 uSteve Komphela washiya kwiChiefs emuva kokuhlaselwa ngabalandeli abagcina becekela phansi inkundla namakhamera ethelevishini emuva kokukhishwa yiFree State Stars kowandulela owamanqamu weNedbank Cup, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Ngo-2001 abalandeli be-Orlando Pirates batheleka ejimini bathela isibhaxu umqeqeshi, uGordon Igesund, iqembu lihlezi esicongweni se-log, wagcina ngokusula esikhundleni. Kwenzeke okufanayo ngo-2012 kwiMamelodi Sundowns abalandeli beshaya uJohan Neeskens emuva kokwehlulwa yiSwallows, wawulaxaza umsebenzi.
Kule sizini, ngaphansi kobuholi buka Zwane, iChiefs isihlulwe emidlalweni engu-11 yeligi. Akukacaci ukuthi uzobuyela yini ebhentshini emdlalweni wokugcina wesizini uma isibhekene neCape Town City eFNB Stadium ngoMgqibelo.
UMotaung ucashunwe yi-website, iThe Times, evuma ukuthi kube yisizini engeyinhle ka-2022/2023 kodwa bekungeyokwakha.
"Ngesikhathi siqala isizini besazi ukuthi ngeke kube lula ngoba besinabadlali abaningi abasebancane nethimba labaqeqeshi abasebancane. Bekuzoba yisibusiso ukuwina iMTN 8, iNedbank Cup noma ukuzibekisela indawo kwiChampions League. Kodwa kufanele ukhumbule ukuthi ukwakha indlu uyisusa phansi akwenzeki ngokushesha," kusho uMotaung. Njengoba sekwenzeke lokho iChiefs kuzomele icacise ukuthi iyaqhubeka nokumeseka uZwane noma ishintsha ukuqalaza.
Ekhuluma kwiSuperSport ngemuva komdlalo, uZwane usole abadlali ngokungazinikeli.
“Kade ngikhuluma ngendlela esizinikela ngayo kwesinye isikhathi. Leyo yinto ongeke ukwazi ukuyilawula, kumele iqhamuke kubadlali. Okokuqala nje silwela indawo yesithathu, uma sinqoba lapha besizolivala igebe. Kumele lokho (kuzimisela) kuqhamuke kuwena (mdlali). Ungaqhamuka namaqhinga nakho konke,” kusho uZwane.
Ubuye wathi kungenzeka ukuthi mhlawumbe bagqilazwe umdlalo owandulele lona, lapho behlulwe khona yi-Orlando Pirates kowandulela owamanqamu weNedbank Cup. Uthe uzoqhubeka nokubakhuthaza abadlali ukuza bayivale ngenothi eliphezulu iligi.