AYITHELA ngamanzi AmaZulu FC eyokumisa izethenjwa zaseKapa, u-Abbubakar Mobara noKeagan Buchanan yize kubukeka inkulu indaba engaphakathi.
Laba badlali ngokuthola kweSolezwe ngoMgqibelo, bamiswe ukuzibandakanya neqembu ngesonto eledlule kulungiselwa umdlalo omkhulu womkhaya baKwaZulu-Natal neRoyal AM.
Ubumqoka babo esikwatini soSuthu bube ngumazihlokoza iqembu seliguqa ngaphandle kwezimpendulo ngo 2-0 kwi-AM koweDStv Premier League eChatsworth ngeSonto.
Laba badlali kuvele ukuthi bamiswe kuze kube baqondiswa ubugwegwe emuva kwesigameko sabo sokuphuma bedlubulundela enkundleni, beshiya iqembu lizilolonga ngesonto eledlule.
UBrilliant Mkhathini, okhulumela iqembu, uvumile ukuthi kukhona isigameko esenzekile esithinta laba badlali kodwa wasola abezindaba ngokukhuthalela ukuvundulula amavununu oSuthu.
“Iyinkinga eyokuthi ngisho kungadlula impukane nje kuMaZulu, abezindaba ngokuhlanganyela nemithombo yabo, babona sekuwudaba okumele bagcogcome kulo,” kukhala uMkhathini.
“Sibe khona sona isigameko esithinta labo badlali kodwa manje sengathi sesenziwa ihaba.
“Yinto eyaziwa ukuthi kuba khona ukuphakama kwemimoya kubadlali nxashana omunye ezwa sengathi uzakwabo umqinisela unyawo ngokwevile ejimini.
“Okwenzeka ejimini yeqembu yinto yangaphakathi encane kabi, ukuthi sekungabhalwa ngayo emaphepheni.
“Uma zikhona izinto esidinga ukuzibika kwabezindaba, asilenzi iphutha lokungubathinti. Ngifisa lokhu kuzwakale kahle, asibakweleti lutho abezindaba nemithombo yabo.”
Walile uMkhathini ukuveza ukuthi sebehambe bagcinaphi ngokulungisa lolu daba, asola ngalo abezindaba ukulwenza ihaba.
Kuyaqondana-ke kodwa ukuthi abadlali abathintekayo kube yilaba.
UBuchanan unawo umkhuba wokuhluthuka, bese enza ngendlela yakhe. Uze uqashwa kuMaZulu nje, wayegcine KwaZulu-Natal edlala kwiMaritzburg United kodwa nayo wayishiya kungazelele muntu kuze kwabikwa ukuthi uvele washaqa izimpahla zakhe wabuyela eKapa engabikanga sizathu eqenjini.
Kugcine kungavelanga ukuthi wayecikwe yini kodwa kaphindanga wabuya.
UMobara yena okwakhe kuqubula izinsolo zokuthi uzama ukufunzelela iqembu ukuba limdikile, livumele i-Orlando Pirates imthathe kalula.
EyePirates sekade ayichitha uMkhathini kodwa kukhona ukukhuluma okuthi Ezimnyama zihlela ukuvala ngaye isikhala sika-Olisah Ndah, uma egcina ehambile njengoba emataniswa neqembu lase-Italy.
Okunye okuvelayo ngoMobara, wukuthi nangesikhathi iqembu lidlala neCapeTown City, eKapa, nyakenye kuthiwa kuthe ngesikhathi sokuhlaba ikhefu wakhumula ijezi, wathi akasabuyeli enkundleni ngoba ecikwa wukuthi kukhonjwa yena ngenjumbane ngegoli elishaywe yiCity.