AmaZulu (0) 0
Lamontville Golden Arrows (1) 1
AMAZULU FC abuyiselwe kwamhlaba yiLamontville Golden Arrows iba yiqembu lokuqala ukuwahlula emdlalweni weDStv Premiership ngemuva kwemidlalo emihlanu.
Usuthu lungene ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, lingayazi induku kule sizini. Lugcine luguqe ngo-1-0 ngegoli elivalelwe phakathi uPule Mmodi we-Arrows esiwombeni sokuqala.
Lungene enkundleni selugudluzwe yiMamelodi Sundowns esicongweni se-log nakuba bezisalingana ngamaphuzu. AmaBrizilians axebule iStellenbosch ngo-3-0 emdlalweni odlalwe ngaphambi kwalona, eLoftus Versfeld, ePitoli.
AmaZulu kade ebheke ukuthola amaphuzu amathathu ukuze ezobuyela esicongweni aphinde aqhubeke nomgqigqo wokungehlulwa selokhu kuqale isizini ka-2022/2023. Nokho konke lokho kuqedwe yi-Arrows ebalwa namaqembu ayiqale kabi isizini.
Abafana Bes'thende, okuqale umdlalo besemsileni we-log, bawine okokuqala kule sizini. Lokhu kubenze baxebuka emsileni, bashovela phansi iMarumo Gallants edliwe yi-Orlando Pirates komunye umdlalo wangoLwesithathu.
Ukwehlulwa koSuthu, obeluqala ukuthola isibhaxu kule sizini, kusho ukuthi luzodlala oweMTN 8 neCape Town City ngoMgqibelo, luphefumula ngenxeba.
Enkundleni, i-Arrows iqale umdlalo ngesivuvu kodwa yehluleka ukusebenzisa amathuba. Elokuqala liwele uKnox Mutizwa ngomzuzu wokuqala kodwa walishaya laphuma phezu kwepali.
Emuva kokubuya iphindelela, i-Arrows igcine ilitholile ngomzuzu ka-26, ngesikhathi uMmodi eliqobela phakathi likade ligotshwe nguVelemseni Ndwandwe ngakwesokudla. Emuva kwaleli goli, i-Arrows iqhubekile kokuba yingozi. Ngakolunye uhlangothi, AmaZulu abehluleka ukwakha amathuba acacile okushaya amagoli.
Esiwombeni sesibili, AmaZulu abuye ngomfutho, awuphatha umdlalo kodwa ahluleka ukusebenzisa amathuba. I-Arrows kade isilwa ngakho konke ukuze ibambelele emaphuzwini amathathu phezu kokuba USuthu kade kungena ngawo wonke amazibuko.