UMJIKO, ubuhlakani nejubane ngezinye zezithako okulindeleke zengeze izinongo emdlalweni wabakhaya baseSoweto, i-Orlando Pirates neKaizer Chiefs, eFNB Stadium, eNasrec, ngoMgqibelo ntambama.
Sekuphele iminyaka eminingana la maqembu eqondana kodwa kukhona ukushoda “kukashukela” wethalente lendawo njengoba lo mdlalo wezinkunzi waduma ngalokho kwasemandulo.
Kulokhu kubhoke abafana abancane bama-2K asebephenduke izethenjwa kula maqembu. Eminyakeni edlule, yikho lokhu obekuheha izindimbane zabalandeli ukuthi bagcwalise inkundla kulo mdlalo. Ngalezo zikhathi kwakubhoke uDoctor Khumalo kwiChiefs noTebogo Moloi kwiPirates. Emuva kwaleso sizukulwane sabadlali abasukumisa abalandeli ngezitayela nomjiko, kuvumbule uJabu Mahlangu kwiChiefs noSteve Lekoelea kwezase-Orlando. Lokhu kwaqhubeza ukuklolodelana kubalandeli bala maqembu ngokuthi ubani ongcono kunomunye.
Neminyaka yesizukulwane esaziwa ngama-2000 ilethele abathandi bezinkunzi zaseSoweto abadlali abaphethe konke okwakujabulisa abalandeli beminyaka edlule. Ekhempini yeZimnyama bayikho konke oRelebohile Mofokeng, Mohau Nkota noBoitumelo Radiopane. KweyeZimpofana kugqame uMduduzi Shabalala, Mfundo Vilakazi noWandile Duba.
NgoMgqibelo, inkundla ngeyabo yokuqopha umlando nokufaka amagama abo ohlwini lwabenza ezikukwayo emlandweni womdlalo wabakhaya owaqala ngeminyaka yawo-70.
Kaizer Chiefs:
Mduduzi Shabalala (21): Useshaye amagoli amane emidlalweni engu-15 emiqhudelwaneni ehlukene kule sizini. Udlale okokuqala kulo wabakhaya ngoFebhuwari ka-2023. Usedlale kwemithathu yabakhaya, esuka ebhentshini kodwa akakayibhakuzisi inethi.
Wandile Duba (20): Lo mgadli ungomunye wabadlali abagqamile eqenjini lasePhefeni. Unamagoli amane emidlalweni engu-16. Akakaze angene ekundleni uma Amakhosi ebhekene nePirates esigabeni esiphezulu kodwa useke waba sebhentshini.
Mfundo Vilakazi (19): Nakuba uVilakazi esenamagoli amabili emidlalweni engu-15 selokhu angena eqenjini elikhulu leChiefs, unogazi kubalandeli. Inkundla iyachwaza uma engena ngenxa yeminyakazo anayo. Uvame ukuqala ebhentshini kodwa kungenzeka umqeqeshi uNasreddine Nabi abone ekulungele ukuqala lo mdlalo omkhulu.
Orlando Pirates
Relebohile Mofokeng (20): Usephenduke omunye wabadlali abamqoka kakhulu kweZimnyama ngenxa yokwakha aphinde ashaye inqwaba yamagoli. Kule sizini uselibeke enethini amahlandla ayisishiyagalombili emidlalweni engu-26. Wadlala okokuqala kowabakhaya esuka ebhentshini ngoNovemba ka-2023, wangena esikimini esiqale umdlalo ngesikhathi zibhekene ngoMashi, nyakenye.
Mohau Nkota (20): Lo mdlali ogijima ngakwesokudla uqale ukubonakala kule sizini eqenjini elikhulu lePirates kodwa usezakhele ugazi ngenxa yesivinini sakhe kanye neshodi alidedela ngonyawo lwesinxele. Useshaye amagoli amane emidlalweni engu-16 futhi ujwayele ukuxhumana kahle noMofokeng.
Boitumelo Radiopane (22): Nakuba uRadiopane engajwayele ukuthola ijezi ngenxa yokuthi ulibanga nabagadli asebedlondlobele njengoTshegofatso Mabasa, Evidence Makgopa nabanye, angaba wuhlupho uma kwenzeka edlaliswa.
Ngaphandle kokuthi laba badlali kulindelwe ukuthi bajabulise abalandeli ngempelasonto, kubhekwe ukuthi kucace ukuthi yimuphi ophambili, ikakhulukazi phakathi kukaMofokeng noShabalala abahlala beqhathaniswa ngabalandeli.
ULekoelea, owadlala kweZimnyama esemncane eminyakeni edlule, uthe: “Emdlalweni wabakhaya ngangizidlalela nje ngoba ngithanda ibhola. Ngangisuke sengijahe kabi ukungena enkundleni. Ngangibona sengathi umqeqeshi uyangibambezela uma elokhu esichazela izinto ezindlini zokushintshela. Laba badlali kufanele badlale ibhola abalijwayele. Umdlalo wabakhaya uyithuba lokuziqophela umlando ongeke uphele,” kusho uLekoelea