UMQEQESHI weMamelodi Sundowns, uPitso Mosimane, ugxeka abaphathi beSuperSport United ngokulindela isicoco seligi kuKaitano Tembo yena ambona eseyiklume kwezokuqeqesha.
UMosimane ubeqeqesha iSuperSport, uTembo engukaputeni eminyakeni edlule. UMosimane uyena osize uTembo emcathulisa ngesikhathi eqala izifundo zokuqeqesha.
Ngesizini edlule izikhulu zeSuperSport ziqunge isibindi, zadedela uTembo ukuthi apheke iqembu nakuba bekuvela ukuthi zisamthungatha umqeqeshi. UTembo ubanjiswe izintambo ngasekupheleni kwesizini ka-2017/2018 emuva kokuthi iqembu lilaxazwe ngu-Eric Tinkler.
“UTembo wayengukaputeni wami futhi esondele kakhulu kimina njengoba kunjalo kuHlompho Kekana manje. Ngesikhathi eqala ukuqeqesha bengiseduze kwakhe. Ngiyajabula uma ewina ngoba uzoqhubeka nokusebenza. Ngisibonile isitatimende sabo. Bathi bafuna uTembo awine iligi. Lokho akunabo ubulungiswa. Kufanele sibheke isimo njengoba sinjalo nezifiso zethu,” kusho uMosimane.
“Kufanele sibheke lapho alithathe khona iqembu nalapho eselikhona manje. Unyaka wakhe wokuqala lona njengomqeqeshi ozimele. Ngafika kwiSundowns isendaweni ka-15 kwi-log kuwuJanuwari, asingenanga kwi-Top 8. Ngisho no-Ernst Middendorp ngeke akhulume ngokuwina iligi. KwiChampions League sidlalela * -R45 million. Siyafuna ukuwina kodwa akulula. Ngikhulumela bonke abaqeqeshi. Ngiyasazi isimo engabhekana naso. Akulula ukuwina iligi, kuningi okudingayo. Abadlali abaningi futhi balimele.”
UMosimane uzobhekana noTembo emdlalweni wabakhaya baseTshwane emdlalweni wokuvula isizini oseLucas Moripe Stadium, e-Atteridgeville, kusasa ngo-3 ntambama.
“Sineyethu imigomo. Kungaba kubi ukutshela abadlali ukuthi kasifuni ukuwina iligi. Ngikholwa wukuthi sinabadlali abangayiwina. Sengazane noPitso iminyaka ewu-19, uyohlala engivikela. Kodwa ngikholwa wukuthi sinabadlali abasezingeni eliphezulu, abangasiwinela isicoco sePremiership,” kusho uTembo.