UZOTHATHA iminyaka umbango wejezi kunozinti osemncane waMaZulu FC, u-Olwethu Mzimela, ngoba ukuwona nofana nothisha wakhe, uVeli Mothwa, ongomunye wonozinti beqembu lesizwe, iBafana Bafana.
Lokhu kuvezwe wumqeqeshi woSuthu, uPablo Franco Martin, kwabezindaba izolo ekhuluma nabo ngomdlalo wabo wakusasa we-DStv Premiership.
Usuthu luzokwamukela iSekhukhune United, ngo-7.30 ebusuku eKing Zwelithini Stadium, eMlaza.
UMzimela (22) waseLamontville, eThekwini, ubonakale okokuqala esikimini esikhulu saMaZulu eshaywa yiMamelodi Sundowns ngo 1-0 wephenathi koweligi ngeledlule.
Lo nozinti uqale ezinkulisa zeLamontville Golden Arrows lapho eshiye khona ngo-2013 wajoyina AmaZulu. Uqale ukugqama emqhudelwaneni i-Engen Knockout Challenge, okuholele ekutheni aze athathe ijezi eqenjini laleli qembu le-DStv Diski Challenge.
Nakulona ufike wagqama kangangokuthi nasezikwatini zesizwe zabaneminyaka engaphansi kwengu-20 ubesebizwa njengoba egcine ngokusayina inkontileka nesikimu esikhulu soSuthu ngo-2020.
Basale behlabeke umxhwele ngesonto eledlule abebembona okokuqala lo nozinti osemncane. Ukhombise ukungasabi yize ebedlala okokuqala kwiPremiership futhi bebhekene nompetha beligi njengoba wuyena futhi obonakale eselamula befuna ukuthathana ngenqindi abadlali abadala kunaye banhlangothi zombili.
Nakuba kunjalo kodwa inkulumo kaCijimpi, okuyisiteketiso sikaMartin, ikhomba ukuthi kusazomthatha iminyaka ukuthi alenze elakhe ijezi uMzimela ngoba ulibanga noMothwa.
“UMothwa akadlalanga koweSundowns ngoba ubelimele futhi wuyena ukaputeni wethu, ngakho-ke ushintsho olwenzeke ngomdlalo owodwa alusho ukuthi kukhona osekuzoshintsha,” uphendule kanje uMartin ebuzwa ngamathuba kaMzimela okuqhubeka nokubonakala.
“Unozinti wethu ungomunye wabathathu abaphambili kwiligi, okufakazelwa wukuthi wuyena iphini likanozinti nakwiBafana Bafana.
“Kusemqoka ukuqhubeka nokuveza abadlali abayikusasa leqembu kodwa okwamanje uMothwa kusenguyena unozinti wethu wokuqina. Kuhle lokhu kuMzimela ngoba usondelene kakhulu noMothwa futhi ngicabanga ukuthi unguthisha wakhe.
“Asikungabazi ukuthi uMzimela uyikusasa leqembu futhi akuzange kusethuse akwenze sibhekene neSundowns ngoba siyamazi futhi siyakholelwa kuyena.
“Okungijabulisayo wukuthi sengiyazi ukuthi uMzimela usekulungele ukusithwala uma edingeka, okungithinta kwamancane.”
Mayenana neSekhukhune uthe: “Eqinisweni angazi ukuthi kufanele silindele umdlalo onjani ngoba bamatasa nasemidlalweni yeCAF.
“Lokhu kwenza ngingazi ukuthi yiliphi iqembu okufanele sililindele, yingakho singagxilile kakhulu kubona.
“Okusemqoka wukuqala siqoqe amaphuzu azosibeka endaweni yesihlanu kumbe eyesine, okuyizindawo engizibona zifanele indlela esidlala ngayo,” kuphetha uFranco.
AmaZulu ayawadinga impela amaphuzu njengoba esaqoqe awu-15 kuphela emidlalweni ewu-13 nokuwabeka kunombolo-14 kwi-log.