UMDLALI wasesiswini kwiRoyal AM, uKabelo “Skipper” Mahlasela, uthe imidlalo emine abazoyidlala ngaphambi kwekhefu lamaholidi okuphela konyaka ibaluleke kakhulu kubona ukuqinisekisa ukusuka endaweni embi abakuyona kwi-log yeDStv Premiership.
UMahlasela ungomunye wabadlali abamqoka kwiRoyal AM edonsa kanzima selokhu kuqale le sizini, ethembele kubona ekuguquleni izinto njengoba isadonsa isigwebo sokungakwazi ukusayina abadlali kuze kube yisizini ezayo.
I-AM okumanje isendaweni ka-14 kwi-log yePremiership, emidlalweni emihlanu yakamuva okungemine yeligi nowodwa womkhumulajezi, ishaywe kane yanqoba kowodwa ishaya iGolden Arrows ngeledlule koweligi. Nokho lo mphumela ulandelwe yisibhaxu sika 2-0 esithole kwiCape Town City ngoLwesihlanu olwedlule koweligi.
Izobuyela ensimini ngomdlalo wasekuhambeni neCape Town Spurs, eCape Town Stadium, eKapa ngoNovemba 25.
“Ukulahla kwethu amaphuzu emidlalweni yethu yeligi kukhathaza wonke umuntu eqenjini, hhayi umqeqeshi kuphela, ngakho kusemahlombe ethu njengabadlali ukulwela ukuthi iqembu lithole amaphuzu emidlalweni elandelayo, lisuke kule ndawo elikuyona njengamanje kwi-log.
Imidlalo emithathu esizoyidlala ngaphambi kwekhefu lamaholidi ingebaluleke kakhulu kithina ukuthi sibuye namaphuzu kuyona, ukwenza isiqiniseko sokuthi kuyiwa ekhefini sesisukile kule ndawo esikuyona.
“Ngingasho ukuthi akungoba singenzi kahle noma singazimiseli ngempela, kodwa kuba yilawo maphutha esiwenzayo agcina esilimazile sihlulwe emidlalweni eminye yayo esihlulwa kungafanele ngabe sihluliwe kuyona. Kodwa-ke sisebenza kanzima ukuwalungisa. Yona imidlalo esizoyidlala ayilula, kodwa sizimisele ukulwa ngakho konke okusemandleni ukubuya namaphuzu kuyona,” kusho uMahlasela.
Ukungenzi kahle kwe-AM muva nje kubukeka kuya ngokuya kuyiqongisa ingcindezi kumqeqeshi waleli qembu, uJohn Maduka, njengoba seliqalile ukugawula izembe kwabanye abaqeqeshi bePremiership amaqembu abo angenzi kahle muva nje.
Liqale ngoShaun Bartlett okhonjwe indlela yiSpurs. Lilandele kuBrandon Truter osekhonjwe indlela kwiSekhukhune United.
IThwihli Thwahla isalelwe yimidlalo emine ezoyidlala ngaphambi kokuphela konyaka, ezowudlala neCape Town Spurs (ekuhambeni), iRichards Bay FC (ekhaya) neMoroka Swallows (ekhaya), bese ivala naMaZulu FC ngoDisemba 29.