ABAPHATHI beMarumo Gallants bayazichitha izikhalo zomqeqeshi, uSebastian Migne, obhoboze ithumba ngendlela aphethwe ngayo nezimo ezimbi abasebenza ngaphansi kwazo selokhu efikile kuleli qembu.
Emuva kwamahora ambalwa izolo, leli phephandaba likhulume noRufus Matsena wezokuxhumana eqenjini, kuvele ukuthi iphini likaMigne, uJean-Francis Lusciuto, selisulile ngenxa yezimo zokusebenza ezingagculisi.
IGallants idlulele emzuliswaneni wokuqala weCaf Confederation Cup emuva kokuhlula iFuturo Kings yase-Equitorial Guinea ngempelasonto edlule. Isizobhekana ne-AS Vita yaseDemocratic Republic of Congo (DRC) kweyokuhlungela amaqoqo.
Lokhu bekufanele kumjabulise umqeqeshi kodwa kunalokho ubhoboke ngendlela aphethwe ngayo kwiGallants ayijoyine ngenyanga edlule.
"Uma ufuna ukukhula njengeqembu udinga imigomo ulalele nethimba labaqeqeshi. Uma ungakwenzi lokho asikho isidingo sokuba nomuntu onjengami lapha. Kubalulekile. Sidinga ukubonisana ngasese. Kodwa kusukela ekuqaleni, kunzima ukuqeqesha iqembu nokubenza babone ukuthi ngingumqeqeshi omuhle. Uma beqoka mina nesipiliyoni sami sase-Afrika, kufanele balandele mina. Uma bengakwenzi lokho, ngeke kusebenzeke," kusho uMigne waseFrance.
UMatsene uthe uMigne akakaze abatshele lutho mayelana nokunganeliseki ngezimo zokusebenza eqenjini.
"Uma enenkinga bekufanele aqonde ehhovisi, ayethule inkinga yakhe. Lokhu akushoyo akulona iqiniso. Ukuthi uyesula noma cha, kusezandleni zakhe. Esikwaziyo wukuthi okwamanje useyisisebenzi seGallants," kusho uMatsena.
Okunye okungenzeka ukuthi kuphazamise uMigne, wukushoda ngabadlali emdlalweni weConfederation Cup ekuhambeni. Bacishe baqala umdlalo bengenaye unozinti ngenxa yokuthi abanye abadlali bebengabhalisiwe kulo mqhudelwano.
"Ngikhuluma ngezinsiza zokusebenza nangokuhleleka kwezinto. Bengingumqeqeshi weqembu lesizwe lase-Equitorial Guinea, ngiyazi ukuthi kunzima ukuhlela izinto khona. Ngiyazi ukuthi kuzoba yisimo esifanayo eCongo (DRC). Ngisebenze khona iminyaka emibili. Singazihlela izinto ngezindlela ezinqamulelayo kodwa uma bengalaleli kunzima," kusho uMigne.
“Ningabuza kubona abaphathi ukuthi yini inkinga? Sidlala kahle futhi sikhombise izinga eliphezulu sidlala ne-Orlando Pirates. Ukwenza isibonelo nje, ngicele bangiqoqele ulwazi ngePirates kodwa akekho ongilalelile. Angifuni ukukhuluma kakhulu kodwa ngifuna ukuqeqesha leli qembu ngoba ngicabanga ukuthi abadlali bazokwenza lokhu engikufunayo. Singazuza okuningi kule sizini. Inkinga nje, uma ungalishayi mkhuba ithimba labaqeqeshi, ngeke kwenzeke lokho. Kuzoba yisizini ebandayo," kusho uMigne.