NGEMUVA kokuthi iKaizer Chiefs iwashiswe ijezi AmaZulu FC kwiMTN8, umqeqeshi wayo, u-Arthur Zwane, ufuna bathobe izinhliziyo zabo ngokuthi bashaye i-Orlando Pirates emdlalweni wokugcina ngaphambi kwekhefu lemidlalo yeNdebe yoMhlaba.
Impelasonto edlule iphele kabuhlungu kubona kuphinde kushabalala iphupho laMakhosi lokuqeda ishobolo lokuhlulwa wukunqoba izindebe.
Ahlulekile wukuthola igoli ebhekene noSuthu emdlalweni womlenze wesibili weMTN8, obuseMoses Mabhida Stadium, eThekwini, umdlalo wagcina uphela ngo 0-0.
AmaZulu asizwe wukushaya igoli emdlalweni wokuqala kweseChiefs, kuba ngu 1-1 eFNB Stadium, eGoli emasontweni edlule.
Kowamanqamu azobhekana ne-Orlando Pirates ngoNovemba 5, khona eMabhida. EZimnyama zishaye iMamelodi Sundowns ngo-3-0 emlenzeni wesibili womqhudelwane obusePeter Mokaba Stadium, ePitoli.
IPirates ibivutha ingabaselwe kulo mdlalo, kubhoke umdlali wasohlangothini, uMonnapule Saleng, ophume namagoli amabili, wakha nelishaywe uKermit Erasmus. Indlela ezinqobe ngayo eziMnyama ishiye umqeqeshi wazo, uJose Riveiro, ethi sebekulungele ukubhekana neChiefs kowomkhaya baseSoweto ngempelasonto.
Lo mdlalo ungoMgqibelo eFNB Stadium ngo-3.30 ntambama.
Ngemuva komdlalo wangempelasonto, uZwane uthe nakuba beliwashile ijezi kodwa usakholelwa kubadlali bakhe.
"Akusasizi ukukhala ngosekwenzekile kodwa kumele siqhubeke nokubheka imidlalo ezayo. Abafana bethu benze umsebenzi oncomekayo. Kube yiko nje ukuthi inhlanhla beyingekho ngakuthina. Okubalulekile njengamanje wukuthi senze isiqiniseko sokuthi siyawunqoba umdlalo olandelayo wePirates. Siya emdlalweni ozoba nzima.
“Kulezi zinsuku iPirates yenza kahle kakhulu. Nakuba kunjalo kodwa kuzomele sisebenze kanzima. Uma singenza isiqiniseko sokuthi siyanqoba kwiPirates, ngicabanga ukuthi ulaka nezinhliziyo zabalandeli bethu kuzokwehla. Akonakele. Sizovuka sizithathe," kubeka uZwane.
Lo mqeqeshi akakufihlanga ukuthi baye emdlalweni bengaphansi kwengcindezi, okwenze badala amaphutha abengenasidingo. IChiefs ibidinga ukuthola igoli nakanjani, ukuze izibeke ethubeni lokudlulela phambili. Akuyisizanga nokuthi ize kulo mdlalo abalandeli bayo beyingabaza, ngemuva kokutabalasa ibamba neTS Galaxy koweligi ngesonto eledlule.
"Umdlalo wethu neTS Galaxy esiwudlale ngokulingana ezinsukwini ezedlule., uthathe amandla ethu amaningi. Siye kowaMaZulu sinengcindezi enkulu ngendlela emangalisayo. Nakuba ngikhala ngalokhu kodwa nathi emdlalweni waMaZulu sizibulele thina. Izitha zethu asizange sizicindezele ngokwanele. Izitha zethu sizinike inkululeko kakhulu. Emlenzeni wokuqala ngicabanga ukuthi sadlala kahle. Kulokhu besingenako lokho kuba bukhali esakutshengisa kowokuqala. Besidlala neqembu ebeliqine kakhulu. Kuyabonakala ukuthi lo mdlalo beliwulungiselele kahle," kusho uZwane.