UZIMISELE ukusonga kahle unyaka ngokunqoba iDrakensberg Marathon (42km), u-Ayanda Mncube weXcel Running Club.
Lo mjaho oyingxenye yochungechunge lwemicimbi, iDrakensberg Extravaganza and Heritage Experience, uzogijinywa ngoMgqibelo. Uzoqala uphinde uphelele eSports Centre.
Kuzobakhona nanebanga lika-21km nelika-10km.
UMncube odabuka Osizweni, eNewcastle, uthe uzobe eqala kulo nyaka ukugijima u-42km. Uthe okumjabulisa kakhulu ukuthi amalungiselelo omjaho wangoMgqibelo ahambe kahle kakhulu.
"Lo nyaka ungiphathe kahle kakhulu. Angizange ngilimale nakancane, ngiphila saka. Nakuba ngingafuni ukuzifakela ingcindezi kodwa kungangijabulisa ukuyinqoba iDrakensberg Marathon noma ngingene kwabathathu bokuqala. Akungithusi nakancane ukuthi kuzobe kuwumjaho wami (ka-42km) wokuqala emabangeni amade kulo nyaka. Nango-2018, ngaphuma isibili kulo mjaho ngingabhekiwe. Ngithandazela ukuthi ngosuku lomjaho umzimba wami ungabi nankinga," kubeka uMncube.
Emjahweni omkhulu abazoshaya intambo bazokhala bemuke noR20 000.
Ku-21km kuzoba uR8 000 bese kuba uR3 000 ku-10km.
USipho Ndaba ohlela iDrakensberg Extravaganza and Heritage Experience, utshele Isolezwe ukuthi sekuvaliwe ukufakwa kwemingenelo ngohlelo lwe-online.
Uthe kusavulwe eyabazofaka imingenelo ngokugcwalisa amafomu atholakala eDrankensberg Sports Complex.
Uveze ukuthi isingaphezu kuka-2 000 imingenelo esifakiwe. Sesisonke isibalo abasilindele u-3000.
"Ukube besinabaxhasi besingavumela ngisho abagijimi abawu-5 000. Inkinga ukuthi bonke kumele sibathengele izikibha nezindondo. Ukungabi nabaxhasi kusiphoqa ukuthi singene ephaketheni lethu. Sicela ukuthi izinkampani zingagcini ngokuxhasa imicimbi esemadolobheni, nasemakhaya mazifake imali. Liningi ithalente ezindaweni zasemakhaya," kubeka uNdaba.
Nyakenye, umjaho omkhulu wanqotshwa uSamuel Sibeko ngesikhathi esiwu-2:22.12, kwabesifazane kwaba uNtokozo Mkhize ngesiwu-2:50.43.
Ku-21km, kwanqoba uTebelo Ramakongoana (1:04.31), kwisimame kwawuRutendo Nyahora (1:18.37).
Ku-10km, kwaba uSibonelo Khumalo (30.43) no-Andiswa Njunguza (37.06). Ukungenela kukhokhwa u-R300 kwabazogijima u-42km bese kuba u-R230 ku-21km. Ku-10km kukhokhwa uR150.