SITHEMBISO MKHIZE
UTHABISO “ The Rock” Mchunu uhlelelwa impi yokuvikela ibhande le-WBC Silver Cruiserweight engase ibe seThekwini.
Isolezwe lihoshe ukuthi kule mpi okuzobuye kube eyokuhlungela ukulwela ele-WBC World Cruiserweight, uMchunu uzoxhimfana no-Olanrewaju “God’s Power” Duradola waseNigeria kodwa osezinze e-USA. Ihlelelwa uJanuwari.
Uma igcina iphumelela izofana neyimpindamshaye.
Ngo-2014 laba bake batholana phezulu kubangwa isicoco seNABF esasingaphethwe muntu. Sekuyindaba exoxwayo ukuthi insizwa yaKwaXimba, eMkhambathini, yanqoba ngamaphuzu.
Ozonqoba kweyangoJanuwari uzotholana phezulu no-Ilunga “Junior” Makabu wakhona eNigeria oyingqwele ye-WBC World.
UMchunu walwa noMakabu ngo-2015 kweyokuhlungela lesi sicoco. Wahlulwa ngomngqimuzo womlalisa phansi.
Umthombo uthe uma kugcina ngokuthi impi ize eThekwini umhleli wayo kuzoba ngumzala kaMchunu, uNomvelo Magcaba Shezi, ongumnikazi weMvelo Promotions. Abaphathi bakaMchunu okukhona kubo uSean Smith, bamatasa nohulumeni waKwaZulu-Natal noMasipala weTheku ekutheni babaxhase.
“Sekuqinisekiswe konke ekutheni uMchunu uzolwa noDuradola, osekushoda wusuku nendawo. Konke sekulele kuhulumeni waKwaZulu-Natal ekutheni liyafezeka yini iphupho likaMchunu lokulwela ngakubo. Noma kuyiTheku elihamba phambili kodwa ikhona neminye imizamo yokuthi uma kubheda alwele okungenani eGauteng,” kusho umthombo.
Uma konke kugcina ngokubhimba kuthiwa izoliwelwa e-USA ihlelwe nguLoui DiBella weDiBella Entertainment yase-USA eqhatha izilomo ezinjengoDeontay Wilder osanda kuphucwa uTyson Fury ibhande le-WBC Heavyweight. Nakuba uMchunu engathandanga ukuveza imininingwane ephelele kodwa uyivumile eyokuxhimfana noDuradola neyemizamo yokulwela eThekwini.
“Mayelana nokukwela eThekwini akukho njengamanje engingakuqinisekisa. Abaphathi bami basenezingxoxo nabantu abathile. Ngicabanga ukuthi le nyanga izophela sekucaca,” kusho uMchunu.
Ugcine ukuba seringini ngoDisemba eRussia lishaya uDenis Lebedev kweye-WBC Council.
UDuradola, osendaweni yesithathu ezilinganisweni ze-WBC, ugcine ukulwa ngenyanga edlule eshaya umkhaya wakhe u-Olarewaju Segun kweye-ABU. Elinye ibhokisa laKwaZulu-Natal okuvela ukuthi lihlelelwa impi eThekwini, uMoruti “ Babyface” Mthalane. Uzovikela i-IBF Flyweight kuJason Mama wasePhilippines. Impi ibekelwe uDisemba 20.