USIHLALO weMilford FC, uXanti Pupuma, uveza ukuthi asikathathwa isinqumo esiwujuqu ngekusasa lomqeqeshi osamisiwe, uMandla Qhogi.
UPupuma ukusho lokhu exoxa neSolezwe ngemuva komdlalo weMotsepe Foundation Championship abahlulwe kuwona ngo 2-1 yiKruger United ngoMgqibelo, ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
UQhogi othathe izintambo zokuqeqesha iMilford ngaphambi kokuqala kwale sizini, umiswe nguPupuma ngoFebhuwari, ngenxa yokuphikwa yimiphumela kwaleli qembu.
Ukumiswa kwakhe kuchazwe njengokwesikhathi esingaziwa.
“Ngenxa yokuthothana eduze kwemidlalo, besingakasitholi isikhathi sokuhlala naye phansi (uQhogi) sisidingide kahle isimo sakhe. Engingakuqinisekisa wukuthi usenenkontileka nathi futhi ekugcineni kuzodingeka sihlale phansi naye sithathe isinqumo ngekusasa lakhe neqembu.
"Ngakho-ke, okwamanje akukabibikho akwenzayo eqenjini okumhlanganisa nokuziqeqesha kweqembu nokunye, kuze kube udaba lokumiswa kwakhe luyaphothulwa,” kusho uPupuma, okunguyena osabambe izintambo zokuqeqesha.
IMilford esibuya phezulu kwi-log yeMotsepe Championship, ibuye yahlehla nyovane ngenxa yokuphikwa yimiphumela. Isisendaweni yesikhombisa kodwa ngokwezibalo isenethuba lokuzibekisela indawo kumaPlay-Offs okulwela ukukhuphukela kwiBetway Premiership.
“Kule midlalo eyisikhombisa esisalele sidinga ukubuya namaphuzu okuzocaca ukuthi asithatha asibekaphi, kodwa nathi sisenethuba elifanayo namanye amaqembu okuzibekisela indawo kumaPlay-Offs," kuqhuba uPupuma.
Ngakolunye uhlangothi, umqeqeshi weKruger, u-Abraham Mongoya, uncome ukuzinikela kwabadlali bakhe nokugcina umgqigqo emidlalweni yakamuva. Nokho ukubeke kwacaca ukuthi abakafuni ukuzifakela ingcindezi ngesicoco seligi yize kubukeka besenethuba lokuqhubeka nokushisa umbango kwiDurban City esesicongweni.
“Emidlalweni eyisithupha yakamuva, ukubala nalona ebesiwudlala neMilford, sinqobe emihlanu sadlala ngokulingana kowodwa okuyinto efiswa yinoma yimuphi umqeqeshi ngalesi sikhathi sesizini. Ukuzinikela kwabadlali nokugcina umgqigqo yikho esikudinga kakhulu ngalesi sikhathi sesizini. Sizobhekana nomdlalo ngamunye, sibheke ukuthi sibuya nani kuze kube ngumdlalo wokugcina,” kusho uMongoya.
IKruger okumanje isendaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-40 seyehlukaniswe ngamaphuzu ayisithupha neCity enangu-46.
Khonamanjalo: ICity ilahle ithuba lokuvula igebe esicongweni se-log, ibambana ngo 1-1 ne-University of Pretoria, izolo ntambama, eTuks Stadium, ePitoli.