SISAKHULA kwakugeqwa izitofu zamalahle, kukhishwe umlotha, uyolahlwa ezaleni.
Umlotha uyahlupha uma kunomoya ngoba uvele uphephukele ezindlini, kovalwa izicabha namawindi, loyo owuchithe budedengu, wayefa idicane.
Uma ubhekisisa ekuhlaleni nasontwini jikelele, umlotha uhlala, uhlale uphuquke. Kwezepolitiki kuhlukana inhloko nesixhanti kusunguleke amanye amaqembu ngoba kubangwa amandla. Okuye kuthuse kakhulu yilapho umlotha uthuquka khona ezinkonzweni uma sekukhona abahamba nomfundisi omdala, nabahamba nomfundisi ofikayo osemncane.
Kwezemfundo kubheda kakhulu ngoba kuphuquka thisha,mzali,mfundi sigcine sivaliwe isikole ngoba engafuneki uthishanhloko,sekucuthile okuyinjejane yezinyunyana.
Ngadumala uma sekuphuquka umlotha kunobhutshuzwayo kanti bekungathi sekunozinzo. Iqembu leZemvelo Women's FC elidlala kwiSasol League, elidle umhlanganiso kuzwelonke eKapa, lanyukela esigabeni seHollywoodbets. Angazi ukuthi konakalephi noma umphathi weqembu ujabule waze wadlula kubo engasaboni. Kulokho akhale ngakho angiboni ukuthi ubuholi besifundazwe iKZN FA, bone ngaliphi. Ngisho izikole uma ziyodlala ziyazihlinzeka ngamajezi, ikakhulu lezo ezixhaswe ngawo kuleso sigaba. Izimali ziphuma kubaxhasi noma kwiSafa kuzwelonke nakuhulumeni wesifundazwe. Manje akukho lapho kungena khona isifundazwe sikaSafa.
Siphila ezweni lombango nabantu abanentukuthelo yabo noma abafunzwa ukuthi abathukuthele. Uyingozi umuntu onolwazi oluncane kepha ocabanga ukuthi ungusondonzima, ekubeni engazi lutho. Isintu sithi isihlahla asinyelwa. Manje uqala kuphi ukuxhumana nabantu obathunazile, alikho iqembu eliziphilelayo ngaphandle kukasosesheni. Abazikhukhumezayo bayothotshiswa.
Ngisakhexiswe yiqembu labesifazane, nangu umqeqeshi weqembu lesizwe uHugo Broos, eseba yimpukane eseyocwila obisini lakwa(Manqoba) Mngqithi. Ngicabanga ukuthi yonke imizi inemithetho yayo. Akekho ongaphika ubumqoka bukaTeboho Mokoena, noKhuliso Mudau kwiMamelodi Sundowns, nakwiBafana Bafana. Uma uManqoba kukhona lapho ebona khona ukuthi aqinise amabhawodi, pho ungenaphi uBroos? Nokho umfoka Mngqithi uyitshelile inkinsimane ukuthi ayinake isinene nakhu sesingemuva, ibheshu seliwile.
Nokho lezingwazi zizogezana amakhanda emfuleni ngemva kokopha.
Namanje lentimbothi yokukhetha umdlali ovelele wosuku kwiCarling Black Label, isaqhubeka ekubeni ngenkathi iqala ayibanga nobulungiswa. Amaqembu anabalandeli abaningi ayolokhu evelela noma ashaye udaka. Lo mkhuba wokuvotisa abalandeli kade wabonaka ukuthi unokwenzelela, isikhathi esiningi kuke kukhethwe umdlali obevakashile enkundleni, naye athuke uma esezomukela isheke likaR100000. Ngomunye unyaka kwake kwanqoba u-ITumeleng Khune kumaSports Awards evotelwe ukhumbintethe lwabalandeli beKaizer Chiefs, engenzanga lutho uma eqhathaniswa noChad le Clos, owayebuye owayephule amarekhodi amaningi okubhukuda kuma Olympic. Kwakungadingi ukutolikwa ukuthi ingqwele uChad. Uhlelo oluphusile yilolo oluthatha izintatheli zezemidlalo ezehlukene zamaphephandaba, nezethelevishini, nabahlaziyi abazimele kwezemidlalo. Abaxhasi nePSL kumele bazinuke amakhwapha, abafuneki othulebona.
Ngisamangazwe yilokho nakhu nenkantolo yokudlulisa amacala yomhlaba kwezemidlalo isichitha iRoyal AM ngodaba lukaSamir Nurković, olubiza R12m. Umlotha waphuquka mhla kusayiniswa lo mdlali,owayevele esephelelwe ushatini. Ngubani lona owashisa izinkuni zedungamuzi? Ukhona yini umdlali omnyama wakuleli oshisayo owayengasayiniswa ngale mali. Okubuhlungu imali ekweletwayo iba nenzalo, yingakanani inzalo manje?Ngamafushane okusho ukuthi lafa kanjalo ikhehla ngoba ngeke leli qembu likwazi ukusayinisa abadlali abasha kungakhokhiwe. Ngubani owasayinisa uNurković, inhloso kwakuyini ukusayinisa umdlali onamaxhwala, babekuphi odokotela beRoyal AM?
Naye uMaMkhize ndini akahlehle azibheke ajule ngokwenkambo yakhe ezweni sakhile. Uma esindisiwe akathandaze ajule impendulo izovela. Uma engumZulu oziqhenyayo nonomsamo, kawubheke. Umlotha uke uphuquke eduze kanti inkinga ikude.
Kokunye umlotha uphuqukiswa ubudedengu nokukhohlwa ukuthi izolo lakho belinjani.