UNCOME abadlali abaqhamuka eqenjini lesizwe ngokunika iqembu lakhe umfutho ebeliwudinga ngesikhathi liqumba phansi iDragons yaseWales ngo 69-14 emdlalweni we-United Rugby Championship ngoMgqibelo ebusuku, umqeqeshi weHollywoodbets Sharks, uJohn Plumtree.
Leli qembu laseThekwini bese liphenduke ukudla kwenduku kulo mqhudelwano kwazise bese lidliwe imidlalo eyisihlanu ilandelana selokhu uqalile. Belihlulwe kwemine phesheya nowodwa ekhaya.
Ngaphambi kowangoMgqibelo, bekunegidigidi ngenxa yokuthi libuyise izilomo ebeziyingxenye yeqembu lesizwe lebhola lombhoxo elinqobe iNdebe yoMhlaba ngenyanga edlule.
U-Eben Etzebeth, Makazole Mapimpi, noJaden Hendrikse bawuqalile umdlalo behambisana noLukhanyo Am, obehola iqembu. U-Ox Nche noGrant Williams baqale ebhentshini.
UMapimpi, Am, Werner Kok, Phendulani Buthelezi noJeandre Labuschagne bashaye i-try eyodwa umuntu ngamunye. UWilliams no-Aphelele Fassi bathola ama-try amabili ngamunye.
U-Curwin Bosch ubeke phakathi ama-conversion amane nephenathi eyodwa, amanye ama-conversion amane afakwa nguBoeta Chamberlain.
"Bonke abadlali abaphuma eqenjini lesizwe bashaye into ecokeme. Akulula ukubuya ngemuva kokuzwa imizwa yokunqoba iNdebe yoMhlaba. Abanye babo sebenesikhathi eside bengadlali ngakho-ke kuthathe isikhathi ukuthi bafudumale futhi bebenokuthuka. Isikhathi abasichithe enkundleni sizoba wusizo olukhulu,” kusho uPlumtree.
“Banyuse izinga lokuzethemba eqenjini lonke. Bafike eqenjini elinezinhlelo ezintsha kodwa ngiyethemba ukuthi nabo bakuthokozele ukuba yingxenye yohambo lwethu olusha. Ukwengezwa kwabadlali abasezingeni eliphezulu kwenze umehluko omkhulu eqenjini.”
Emasontweni edlule, uPlumtree ubekhala ngokuthi iqembu lakhe limosha inqwaba yamathuba. Nakuba lishaye ama-try amaningi ngempelasonto, ukholwa wukuthi lisengabhukula ngaphambi komdlalo olandelayo neBulls ngoMgqibelo, ePitoli.
“Namanje asikho lapho esifuna ukuba khona futhi asikalisebenzisi ibhola ngendlela efanele njalo, ikakhulukazi engxenyeni yethu yenkundla. Kusekuningi okusamele sikulungise.
“Okuhle wukuthi isonto lethu lizoqala kangcono kakhulu kulokhu. Sisenamaphutha futhi siyazi ukuthi kuzoba nzima kangakanani eLoftus. IBulls idlala kahle. Ihlule iqembu elisanda kusishaya (iConnacht).” Ukunqoba kweSharks kuyenza yasuka emsileni yayohlala endaweni ka-14 kwi-log ngamaphuzu ayisikhombisa emidlalweni eyisithupha. Iqembu eliqhwakele yiGlasgow Warriors yaseScotland enamaphuzu angu-25.
Imiphumela ye-URC yamaqembu akuleli: Lions 61-19 Zebre; Cardiff 31-24 Stormers; Bulls 53 - 27 Connacht.