KUGQUQGUZELWA izikole zasemakhaya ukuthi ziphuthume zibhalisele ukuba yingxenye yomqhudelwano, iDStv Schools Netball Challenge Under 19 (DSNC), umdlalo wawo wamanqamu kazwelonke ongoJulayi 12-13, eFlorida High School, eGoli.
USandile Luthuli oyinhloko kwaMultiChoice, ngaphansi komnyango wokuthuthukiswa kwezemidlalo futhi engabaxhasi balo mqhudelwano, utshele Isolezwe ukuthi ukubhalisela ukuba ingxenye yalo mqhudelwano kuvalwa ngoMashi 31.
Le midlalo ihlukaniswe izigaba ezimbili. Kunokubhaliswa kuso izikole ezisezindaweni zasemakhaya. Lapha kuhlanganisa nezisemalokishini nalezo ezisemakhaya. Esesibili ngezasemadolobheni.
ULuthuli uthe okwenza baphatheke kabi ukuthi kuhamba kancane ukubhaliswa kwezikole zasemakhaya.
Kubhaliswa kwi-website ethi: www.saschoolsnetball.co.za.
" Lo mqhudelwano usukhiqize inqwaba yabadlali. Nyakenye bezihlanganiswe zombili lezi zigaba, kubhaliswe izikole aziwu-2600. Sesisonke isibalo samantombazane abebambe iqhaza abengu-26 000. Kuzoba unyaka wesine le midlalo yasungulwa. Selokhu yasungulwa seyikhiqize abadlali bamantombazane abawu-18 asebedlale kwiVarsiy Cup. Amanye adlala esigabeni sesibili seTelkom Netball League. Ayisithupha amantombazane asekhempini yamaBaby Proteas. Alungiselelwa iNetball World Youth Cup ezodlalwa ngo-2025. Ngiveza lokhu nje ngoba ngifuna izikole zasemakhaya zibone ukuthi ukuba ingxenye yalo mqhudelwano kubaluleke kangakanani. Ezemidlalo sezaba ibhizinisi. Sicela ukuthi zibhalise ngokushesha izikole ezisezindaweni zasemakhaya. Kuvalwa ngoMashi 31. Isikhathi sesidliwe yinja," kubeka uLuthuli.
Nyakenye emidlalweni yamanqamu kazwelonke, esigabeni sezikole zasemadolobheni, esaziwa ngokuthi iBotho, umhlanganiso udliwe i-Affies Meisieskool.
Kwesezikole zasemakhaya, Ubuntu, kukhonye iHlabi Secondary School.
Echaza uLuthuli ngohlelo okuqhutshwa ngalo le midlalo, uthe bayakuqonda ukuthi izinga lokudlala liphezulu ezikoleni zasemadolobheni. Kwezasemakhaya liphansi. Yingakho emidlalweni kazwelonke, esigabeni samaqoqo, lezi zigaba zixutshwa. Nokho uma sekusesigabeni somkhumulajezi ziyahlukaniswa. Ezisemakhaya zibhekana zodwa, ngesifanayo nakwezasemadolobheni. Nemidlalo yamanqamu iba mibili.
ULuthuli uthe ukuqhudelana kuqala ezifundeni, nasezifundazweni.
Isikole esizishaya zonke emakhanda sidlulela ezingeni lesifundazwe. Esinqoba khona sidlulela kwekazwelonke.
"Inhloso yale midlalo ukubeka umdlalo we-netball ezingeni eliphezulu. Lo mqhudelwano ufana neDStv Diski Challenge (DDS). Nakhona ngesifanayo, iDDS isikhiqize inqwaba yabadlali. Ngaso sonke isikhathi iMultiChoice ilwela ukuthuthukisa izinga lezemidlalo kuleli," kusho uLuthuli.