OPHROMOTHA besibhakela besifazane bafuna ilingane indlela okuphathwa ngayo abashayisibhakela besilisa nabesifazane eNingizimu Afrika.
Lokhu kuvele ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni umkhankaso, i-Women In Boxing Week, enxanxathelrni yezitolo ePavillion, eThekwini, izolo emini. Lo mkhankaso usungulwe yinhlangano eyengamele isibhakela kuleli, iBoxing South Africa (BSA).
Kuhloswe ngawo ukukhuthaza abesifazane ukuthi bangene esibhakeleni njengoba kuyinyanga yabo u-Agasti. Umcimbi kade uhanjelwe yizikhulu zeBSA okukhona kuzo uNsikayezwe Sithole, Thobile Sifunda woMnyango wezeMidlalo ezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, umengameli weSouth African National Boxing Organisation (SANABO), uSiyabulela Mkhwalo, nophromotha besifazane, uZandile Malinga weStarline Boxing Promotions, Mbali Zantsi weShowtime Boxing Promotions yase-Eastern Cape noNomvelo Magcaba Shezi weMvelo Promotions.
UZantsi uthe akungagcini ngokukhuluma endabeni yokukhuphula abesifazane esibhakeleni.
"Luyaqhamuka uhlelo olubonakala luluhle futhi kucaca ukuthi luzoqhakaza kodwa kugcine kungenziwanga lutho. Uma sekunemali kujike kungene nabesilisa, kuthiwe izobangwa ngokwethenda. Uma ufuna ukuthuthukisa isibhakela sabesifazane, awukwenzi lokho ngoba uyazi ukuthi basele emuva. Kufanele uqale ulande abasemuva balingane nabanye. Uma sebelingana, uqale ubaphakamise. Izinhlelo zibukeka zizinhle futhi zizolithuthukisa izinga lesibhakela eMzansi kodwa inkinga wukwenza," kusho uZantsi.
"Akufanele lokhu okwenziwayo kugcine njengoba kuyinyanga yabesifazane kwenzelwe ipolitiki. Asiyidingi leyo nto ngoba amantombazane akhona esibhakeleni unyaka wonke. Inkinga esibhekene nayo wukuthi laba bantwana bayaphuma kwezemidlalo ngoba bayakhulelwa ngenxa yokubona ukuthi bamosha isikhathi ngokuhlala ejimini ngoba abazitholi izimpi. Uma uhulumeni wethu engasiza ukuze bezothola izimpi ezimbili noma ezintathu ngonyaka, kungalunga. Akulingane nokwabesilisa. Uma kuhlelwa izimpi eziyisithupha, ezintathu akube ngezabesifazane. Ngaleyo ndlela sizothola amantombazane amaningi esibhakeleni."
Uhlelo lweWomen In Boxing Week namuhla luzokwenabela eMpangeni naseRichards Bay ezikoleni ezahlukene okuyi-Old Mill High School, Mevamhlophe High School neNdlamvuzo High School. Kusasa amabombo azobheka eHarry Gwala District. NgoLwesine kuzoba nenkundla yokucobelelana ngaphambi kokuyokalwa kwabashayisibhakela abazoqhuthana ngoLwesihlanu e-Olive Convention Centre ezimpini zeStarline Boxing Promotions. Isonto lizovalwa ngokuthi abesibhakela bahlangane nePhini likaNgqongqoshe wezeMidlalo, uNocawe Mafu, eMhlanga ngoMgqibelo.
UMagcaba Shezi, owayengumshayisibhakela, uthe bavule izandla ekuphakamiseni isibhakela sabantu besifazane eKZN.
"Siyafisa ukubanika ithuba abantu besifazane esibhakeleni. Mina okwangibulala kakhulu ngisengumshayisibhakela wukungalitholi ithuba. Ngangihlala isikhathi eside ngingalwi, ngigcine ngithatha izimpi ezingafanele ngenxa yokulangazelela ukungena eringini. Leyo nto angifuni yenzeke komunye umuntu," kusho uMagcaba Shezi.
USithole uthe iBSA izibophezele ukwakha abashayisibhakela besifazane abazokwazi ukuziphilisa ngamankomane.