LIBUYE selihlephukile elinye lamabhande omshayisibhakela waKwaZulu, u-Innocent "Tycoon" Mantengu, elathathwa yimigulukudu ebanjwa inkunzi eGoli ngoJuni.
UMantengu wephucwa izimpahla zakhe nebhande le-IBF Continental nele-WBA Pan African ngasePark Station ngesikhathi eyogibela ibhasi elibheke eThekwini.
Wayeya engqungqutheleni yokukhetha ubuholi besibhakela eKZN ngesikhathi ephenduka isisulu sezigcwelegcwele.
Umqeqeshi kaMantengu, uSam Ndlovu, uveze ukuthi ibhande balithole sebefonelwa ngabantu abababikele ngodaba lwabo erenki yamatekisi, iMTN Noord, edume ngobugebengu eGoli.
"Sithole ibhande le-IBF eMTN Noord ngoLwesibili. Lo muntu ositholele uthe uzozama ukumbamba lona olilethile ukuze sithole nelinye," kusho uNdlovu.
“Uma ekwaze ukubuyisa leli kusho ukuthi uyalazi naleli elinye. Ngeke sifake amaphoyisa ngoba awazange asisize kwasekuqaleni.
“Avele asitshela ukuthi siziphathela umthetho ngezandla. Nokho ngokwami, mancane amathuba okuthi litholakale elinye ngoba liyasinda kunaleli esilitholile.
“Kungenzeka bazitshele ukuthi linegolide. Leli elibuyile lihlephukile. Bazamile ukulixebula kodwa babona ukuthi akulona igolide.“
Kusukela alahlekelwa ngamabhande uMantengu, ubekhala ngokuthi uma elala ebusuku kubuya konke okwenzeka ngaloluya suku futhi ubuthongo abufiki.
Imizamo yokuzibambela izinswelaboya iholele ekutheni amaphoyisa abaphose esitokisini ngenyanga edlule.
UMantengu uthe ukubuya kwelinye lamabhande akhe kubuyisa ithemba.
"Ngijabule kakhulu. Ngibonga uGatsheni (Ndlovu) ngendlela abezama ngayo ukuthi abuye amabhande ami. Sasivele siqale kanje ukuwafuna kodwa saphazamiseka," kusho uMantengu.
“Leli silithole kumuntu othi wadayiselwa lona. Manje kufanele sithole umdayisi. Nginalo ithemba lokuthi nelinye sizolithola.”