UMQEQESHI woMvoti FC, uDoctor Mkhonza, uzwakala eseyivuma eyokuphunyukwa kwabo yisicoco kuStream A weSafa KwaZulu-Natal ABC Motsepe League. Kodwa, noma kunjalo, uthi ngeke bazithambise emdlalweni wabo wokugcina wesizini abazowudlala neSummerfield Dynamos.
INjampela iphumile embangweni weligi yeKZN Motsepe League iguqiswa uMvoti ngo 1-0 ngoMgqibelo, ngenkathi iMidlands Wanderers yandisa amathuba ayo esicoco kuStream A ngokushaya uLundi United ngo 1-0.
UMvoti udinga amaphuzu aphelele emdlalweni wawo wokugcina wesizini neDynamos, ngoMgqibelo ngo-3 ntambama, eKing Edward Park, eGreytown. Ngakolunye uhlangothi leli qembu kufanele lithandazele ukuthi iMidlands Wanderers iguqe kwiNjampela FC ngawo uMgqibelo, eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu, komunye umdlalo wokugcina wesizini, ukuze kube yilo elidla umhlanganiso kuStream A.
Nokho kubukeka kungumqansa ongakhwelwa mbongolo kuleli qembu laseGreytown njengoba lizodinga ukushaya amagoli angaphezulu kuka-13 emdlalweni walo neDynamos, ngenkathi lithandazela ukuguqa kweWanderers, okuyinto okubukeka kungelula neze ukuthi yenzeke.
Ngokwezibalo iWanderers iyona esethubeni elihle lokudla umhlanganiso kuStream A njengoba iqhwakele ngamaphuzu angu-36, ilandelwa nguMvoti kweyesibili ngangu-33, kanti idinga iphuzu elilodwa kuphela emdlalweni wangoMgqibelo neNjampela ukuphetha imbenge.
“Sisiqonda kahle isimo esibhekene naso njengoba iMidlands esibanga nayo, isidinga iphuzu elilodwa kuphela emdlalweni wayo neNjampela, ekubeni thina kudingeka siwine ngenqwaba yamagoli angu-13 bese sithandazela ukuthi yona (iMidlands) yehlulwe, okuyinto okungelula yenzeke," kusho uMkhonza.
Yize kunjalo kodwa ngeke sililahle ithemba, sizodlalela ukuwunqoba umdlalo wethu neSummerfield, siwashaye amagoli, siqede isizini ngegiya eliphezulu."
“Yize izinto zingahambanga njengokufisa kwethu kule sizini, kodwa ngikholwa wukuthi sineqembu eliqinile elisazokwenza kahle nangesizini ezayo. Sisenethemba ngeMathemba Super Cup esizimisele ngokulwela ukuyiwina.”
IMathemba Super Cup edlalelwa ngamaqembu eKZN Motsepe League, eqale ngoMashi, kulindeleke iqhubeke ngemuva kwemidlalo yeligi yakulesi sigaba esongwayo kule mpelasonto.
Ngakolunye uhlangothi, uMkhambathi FC osheshe wayiphetha imbenge kuStream B, usubheke iqembu elizodla umhlanganiso kuStream A ukudlala owokuhlunga iqembu elizomela iKwaZulu-Natal kumaPlay-Offs kazwelonke eMotsepe League.
Nokho, uMkhambathi ongakehlulwa kule sizini, uzosonga isizini neKwaMashu Durban Knights, ngawo uMgqibelo, e-JL Dube High School Ground, KwaMashu.