Ukholwa wukuthi asevulekile amasongo phesheya kwezilwandle umshayisibhakela wakuleli, uJackson " M3" Chauke (38), ojabulise abantu bakuleli enqoba ibhande le-IBO World Flyweight ngempelasonto edlule, eBethnal Green Hall, eLondon.
UChauke wehlule ngamaphuzu uQuaise Khademi (29) wase-Afghanistan kodwa osezinze khona eLondon.
Ngaphambi kwale mpi iningi belizitshela ukuthi uzokhala ngaphansi ngenxa yokuhanjelwa yiminyaka. Nokho uvele waphenduka umfana omncane, washesha ngendlela eyisimanga eringini.
Lokhu kufakazele inkulumo ethi isipiliyoni asithengwa.
Ngaphandle kokuphatha isicoco sikazwelonke seFlyweight, uChauke useke waba yingqwele ye-ABU, WBC International, WBO Global nese-WBF International. Ezimpini ezingu-28, uChauke usenqobe ezingu-24, walwa ngokulinganba kwezimbili, waphinde wahlulwa kwezimbili. Ngakolunye uhlangothi, uKhademi, unqobe ezilishumi, wahlulwa kabili, waphinde walwa ngokulingana kwezimbili. Ngempelasonto edlule ungene eringini eyingqwele ye-IBO Continental Super Flyweight. Empini abegcine ukuyilwa ubeshaye uSelemani Bangaiza waseDar-Es-Salaam, eTanzania.
UChauke ethintwa yileli phephandaba eseLondon, ushaye ngamafuphi wathi:" Kuthi angife injabulo. Ngicela ungithinte kusasa, njengamanje ngilungiselela ukuyongena ebhanoyini eliza lapho ekhaya. Kunophromotha balapha engikhulume nabo, bachazekile ngendlela engilwe ngayo. Ngingase ngibuyele lapha eLondon maduze".kusho yena.
Kushone elayizolo, ophromotha, abashayisibhakela nezikhulu zesibhakela behlela ukuyokwamukela uChauke njengeqhawe esikhumulweni sezindiza e-OR Tambo International namuhla.
Lo mshayisibhakela waseTembisa ucijwa uDamien Durandt oyindodana kamufi, uNick Durandt. UDamien uphinde alolonge u-Ilungu Makabu waseDemocratic Republic Of Congo (DRC) osanda kuhlulwa empini yebhande le-WBC Cruiserweight. UMakabu wayengumpetha waso lesi sicoco.
UDamien, ongumqeqeshi osemncane, nyakenye uklonyeliswe ngendondo ye-BSA Manager of the Year kumaBoxing South African Awards eThekwini. Kuma-Olympic Games ngo-2008, eBeijing, eChina, uChauke bekunguyena yedwa wakuleli obemele elakuleli esibhakeleni.
INingizimu Afrika ayinaye umshayisibhakela ophethe elinye lamabhande amane amakhulu emhlabeni jikelele. La mabhande yi-WBC, WBA, IBF ne-WBO.