BAHLABEKE umxhwele abaqeqeshi beqembu laseSweden, iDjurgardens IF, ngomdlali waseMzansi uLangelihle Phili abamahlolayo.
UPhili (19) waseTshelimnyama ngasePinetown, ngomunye wabadlali abebegqamile kwiStellenbosch FC ewine iligi yeDStv Diski Challenge ngesizini ka-2023/2024. Ujoyine iStellies emuva kokuthi AmaZulu ehudule izinyawo ekumnikeni inkontileka phezu kokuqokwa njengomdlali ovelele emqhudelwaneni i-Engen Knockout eThekwini. KwiStellies, uPhili uphenduke enye yezinsika ngaphansi komqeqeshi, u-Evangelos Vellios, waqokelwa umklomelo weDStv Diski Challenge Player of The Season.
Ngesonto eledlule, uPhili uphume isinyenyela eMzansi eyozama inhlanhla kwiDjurgardens okuyiqembu elalidlalelwa nguLance Davids wakuleli. UDavids usebenza ngokubambisana nemenenja kaPhili, uCourtney Johannes.
“Konke kuhamba kahle okwamanje kwiDjurgardens. Bajabule ngendlela adlala ngayo. Abaqeqeshi basachazekile ngabakubonile kuyena. Ngesonto eledlule, uziqeqeshe neqembu lika-Under 23 ngenxa yokuphithana kwezinto ngenxa yemidlalo ye-Euro. Kodwa kusukela ngoMsombuluko uzoqala ukuziqeqesha nesikimu esikhulu,” kusho uJohannes.
UPhili, odle ngejubane nomjiko ezinhlangothini, ngomunye wabadlali abasebancane abazakhele ugazi ebholeni laseMzansi ngesizini esongwayo. Ngokuyozama inhlanhla phesheya kwezilwandle, ulandele uRelebohile Mofokeng we-Orlando Pirates obeyohlolwa yiWolves yase-England no-Ime Okon weSuperSport United omenywe yi-FC Midtjylland yaseDenmark.
UJohannes uthe ukubakhona kukaDavids eduze kukaPhili kwiDjurgardens kuzomsiza kakhulu lo mdlali. Uma ehluleka phesheya kwezilwandle uPhili, kulindeleke ukuthi anyuselwe esikimini esikhulu seStellies esizodlala emqhudelwaneni iCaf Confederation Cup ngesizini ezayo.
“Kubalulekile ukuthi abadlali bethu bangene khaxa endleleni iqembu elenza ngayo izinto. Lokho kwenzekile kuyena futhi kuyasijabulisa. Akukho okusakhulunyiwe mayelana nokusayina kodwa kuyathembisa. Sibheke ukuthi uzokwenza kanjani njengoba kuzoqala isonto,” kusho uJohannes.