I-ORLANDO Pirates, ezobe ingosokhaya emdlalweni wabakhaya baseSoweto emasontweni amabili ezayo, iqwashisa abalandeli ukuthi bangadembeseli ekuthengeni amathikithi omdlalo ngoba athengwa ubuthaphuthaphu.
Umdlalo we-Absa Premiership, oqhathe eZimnyama nezimbangi iKaizer Chiefs, ungo-Okthoba 27 eFNB Stadium ngo 3.30 ntambama.
“Njengoba sekusele isikhathi esingaphezulu kwesonto kutholane phezulu amaBhakhaniya naMakhosi kubonakala sengathi amathikithi azodayiswa aphele. Labo abangakawathengi amathikithi bayanxuswa ukuthi baphuthume ngoba sekusele awu-9 000,” kusho iPirates kwi-website yayo izolo ntambama.
Kuthiwa kusele awu-8000 ku-level 1 bese eba wu-1000 ku-level 5.
Amathikithi atholakala e-computicket nakwaShoprite and Checkers. Lawa ka-level 1 asele abiza u-R100 kuthi aka-level 5 abize u-R70.
Abazoya kobukela umdlalo bayacelwa ukuthi basebenzise ezokuthutha ezizobe zikhona ngosuku lomdlalo ukugwema isiminyaminya. Kuthiwa amathikithi e-Park & Ride okuya nokubuya enkundleni adayisa e-computicket ngo-R130. Amasango eFNB azovulwa ngo-11 ekuseni.
NgoMashi iPirates ibhaxabule iChiefs ngo 3-1 ingosokhaya kanti emzuliswaneni wokuqala weligi wesizini edlule umdlalo waphela zibambene ngo 0-0.
Amaqembu azoya emdlalweni ehlukaniswe ngamaphuzu amabili. EZimnyama zisendaweni yesibili ngamaphuzu awu-16 bese iChiefs ihlale endaweni yesithathu ngawu-14.