NGENXA yezikhalo zabadlali nabanye abaphathi ku-Orlando Pirates, leli qembu lingase liphoqeleke ukumphuca ibhande lobukaputeni u-Oupa “Ace” Manyisa. Lokhu uPotshoza ukuthole ngemuva kokuba iBucs itaxwe yiSuperSport United ngo 4-1 kowamanqamu weNedbank Cup ngoMgqibelo eThekwini.
Esinye sezikhulu zePirates esikhulume noPotshoza ngesivumelwano sokuthi igama laso ngeke nangengozi lidalulwe, siveze ukuthi uManyisa osebe ukaputeni weBucs iminyaka emibili edlule, ukhonjwa abaningi ngokubheda kohlelo eqenjini.
Kukhalwa ngokuthi uManyisa uvele azithulele ngisho sekuyisikhathi sokuthi kukhulume yena njengomholi. Nokho uPotshoza uvumelana nakho lokhu ngoba uManyisa unqaba isiZulu uma abezindaba befuna ukukhuluma naye okuyaye kwenze iqhawe lakho lihlale njalo lizibuza ukuthi kazi wenzenjani uma sekufanele akhulume kuzwakale kwiPirates.
“Akekho ongabaza amangwevu kaManyisa nakho konke asekwenzele iqembu kodwa wehlelwe yifomu ngendlela emangalisayo kulezi zinsuku. Inkinga enkulu isebuholini bakhe,” kusho lesi sikhulu.
Ngokuthola kukaPotshoza, indawo kaManyisa izobangwa wuHappy Jele oseke wasibamba lesi sikhundla noThabo Matlaba naye oke abambe uma kudingeka.