IGCAGCELE esokeni kwiPremier Soccer League (PSL) ngamathuba okuthi abadlali abaningi abasemabhukwini ayo bahambe ibanga elide kwi-Africa Cup of Nations (Afcon) eqala ngoJuni 21 kuze kube uJulayi 19 nonyaka e-Egypt.
Inqobo nje uma uhla lwezixhanti zamaqoqo okuzoqhathwa ngalo lushaya khona. Ngasekuqaleni kwesonto kuputshuke uhla lwamazwe ngokuhlukaniswa kwawo ngokwezixhanti okuyilapho kuzozaleka khona amaqoqo e-Afcon uma seziqhathwa kusasa ekomkhulu lase-Egypt, eCairo.
IBafana ifakwe esixhantini sesithathu lapho kukhona khona i-Uganda, Guinea-Bissau, Zimbabwe, Angola neBurundi.
Ngokwemithetho yeCAF amazwe asesixhantini esisodwa awaqhathwa eqoqweni elilodwa, okuchaza ukuthi kungenzeka amathuba okukhiphana bodwa kwabasemabhukwini ePSL angabi khona. Esixhantini ngasinye kuzotonyulwa izwe elilodwa bese kwakheka iqoqo elinamazwe amane. Ngaphandle kweBafana ebunjwe ngabadlali abawumsinsi kuleli futhi iningi labo elidlala kwiPSL, iZimbabwe ne-Uganda nabo banabo abadlali abadlalela amaqembu angaphansi kwePSL.
Kwi-Uganda, eqhulwini kuhleli unozinti obaqwaqwada bonke emakhanda e-Afrika, uDenis Onyango, ophinde adlalele iMamelodi Sundowns. Ngaphandle kwakhe kukhona no-Allan Kateregga osanda kutakula iMaritzburg United esuka ebhentshini ibhekene neBloemfontein Celtic. ITeam of Choice imboleke kwiCape Town City.
Kubadlali beBafana okulindeleke ukuthi babesesikwatini sokugcina se-Afcon singabala uThemba Zwane noHlompho Kekana beMamelodi Sundowns, Thulani Hlatshwayo, Sifiso Hlanti, Buhle Mkhwanazi noDaren Keet beBidvest Wits, Dean Furman noRonwen Williams kwiSuperSport United noRamahlwe Mphahlele kwiKaizer Chiefs uma * -Itumeleng Khune engalulami kuze kushaye isikhathi sokuthi kusongwe izikwati.
KwiBucs abadlali ababhekeke ukuthi bathole indawo kulesi sikwati ngu-Innocent Maela noThembinkosi Lorch. Bonke laba badlali beBafana ngeke babe yinkinga kubangani babo baseZimbabwe lapho kukhona khona uKhama Billiat noTeenage Hadebe (Chiefs), Devine Lunga, Danny Phiri noKnox Mutizwa (Lamontville Golden Arrows), Evans Rusike (SuperSport United), Kudakwashe Mahachi noMarshall Munetsi (Pirates), George Chigova (Polokwane City), Edmore Sibanda (Witbank Spurs), Ronald Pfumbidzai (Celtic), Ovidy Karuru, Talent Chiwapiwa noButholezwe Ncube (AmaZulu).
Nakuba kukhulunywa ngalezi zixhanti, izolo emini iCAF ibhale kwi-website yayo ukuthi isizwile ngezixhanti ezisabelele kwabezindaba kodwa ngeke isho lutho ngazo. Le nhlangano ithembise ukuthi izokhipha isitatimende ngalokhu. Kusemqoka ukukubalula ukuthi abakhiphe lolu luhla lwezixhanti basondelene kakhulu nokusebenza kwale nhlangano.
Sezizonke izixhanti eziputshukile zimi kanje:
Pot 1: Egypt Ghana Tunisia Ivory Coast Cameroon Senegal
Pot 2: Morocco Nigeria DR Congo Algeria Mali Guinea
Pot 3: Uganda South Africa Guinea-Bissau Zimbabwe Angola Burundi
Pot 4: Mauritania Namibia Benin Kenya Madagascar Tanzania.