BALINDELE ukuthi izikhulu zenze okufanele ngaphambi kokuthi babuyele ejimini abadlali beRoyal AM, abangabuyanga emakhaya njengoba isibuyile imidlalo yeBetway Premiership.
NgoLwesibili kusabalale imibiko yokuthi abadlali be-AM abalubhadanga ejimini kusukela kuqala isonto ngenxa yokungaholelwa imiholo kaDisemba. Ithumba liqhunjuzwe yiChippa United ngoMsombuluko ngesikhathi idalula ukuthi umdlalo wayo ne-AM uhlehlisiwe yiPremier Soccer League (PSL) kodwa ayitshelwanga isizathu salokho. Kukholakala ukuthi izinkinga ze-AM zixhumene nokudlelwa impahla wu-Sars kwesikhulu seqembu, uShawn Mpisane, ngasekupheleni konyaka odlule. Ngaphezu kwalokho, i-AM ivaliwe ukubhalisa abadlali yinhlangano eyengamele ibhola emhlabeni, iFifa, ngenxa yokuthi ikweleta umdlali waseSerbia, uSamir Nurkovic, isizumbulu sika-R12 million ngenkontileka eyanqanyulwa.
Umdlali we-AM ongathandanga ukudalulwa igama uthe bona abatelekile njengoba sekusabalele lokho.
Ngokusho kwakhe, kwakufanele bahole ngoDisemba 20 kodwa lokho kwangenzeka baze baya emakhaya.
“Sabatshela abaphathi ukuthi uma kushaya isikhathi sokubuya imali yethu ingangenile, ngeke sibuye ngoba asinayo imali. Abanye bethu bahlala kwezinye izifundazwe, ngakho abanayo imali ka-petrol. Ngaphezu kwalokho, kufanele sibuyisele izingane esikoleni, sinakekele nemindeni yethu,” kusho lo mdlali.
“Basitshela ukuthi bazosikhokhela ngoJanuwari 1, 2 noma ngomhlaka Januwari 3 ukuze sizobuyela ejimini ngomhlaka 4 silungisele umdlalo neChippa United. Kodwa abakwenzanga lokho. Izolo (ngoLwesibili) bathe kukhona abadlali asebekhokheliwe. Emuva kokubuzana sodwa sithole ukuthi lokho akulona iqiniso. Thina silinde bona. Basithumelele imiyalezo bethi izongena namuhla (ngoLwesithathu), emuva kwalokho kufanele sizojima silungiselele umdlalo olandelayo (bazobhekana ne-Orlando Pirates ngoJanuwari 22). Asitelekile thina, abantu bayibeka kabi lento. Senza into esasivele sibatshelile yona ngoDisemba.”
Imizamo yokuthola isikhulu se-AM, uRichard Makhoba, ayiphumelelanga kwazise ucingo lwakhe beluvaliwe.