AMAZULU FC asezinhlelweni zokuchitha izibabuli zabadlali ngezindlela ezahlukene, okunguSibusiso Magaqa noSiphesihle Maduna.
Kuvela ukuthi uMagaqa izinyawo zakhe zigcwale udaka emuva kokulahlwa yicala ngaphakathi eqenjini ngemva kwezinsolo zokuthi wehlulekile ukuziphatha ngendlela efanele.
Kuthiwa umdlali oyibamba ophondweni nasemuva kwabagadli, waqamba amanga enzela ukusala eThekwini, ngesikhathi iqembu liyodlala iCarling Black Label Cup.
“Wathi ugulelwa ngugogo wakhe, wanikwa ikhefu lomndeni. Ngakusasa kwabonakala ividiyoo ethwetshulwe endaweni yokujuxuza edakiwe,” kuchaza umthombo.
UMagaqa ukhushulelwe eqenjini elikhulu laMaZulu ngo-2016 kodwa ubebuye abolekiswa emaqenjini anjengeThongathi FC, neRoyal AM. Usabonakale kabili kuphela ebhentshini laMaZulu kule sizini.
UMaduna (22), kuthiwa iqembu lizomchitha ngokumdayisa ngoba nenkontileka yakhe iyaphela ngoJuni. Akusikho nje ukuphela kwenkontileka okukhuthaza ukuthi afakwe ohlwini lwabazodayiswa kodwa kubalwa nendlela yokuziphatha ngaphandle kwenkundla, engasagculisi.
Lithintwa ngalezi zindaba iqembu kuvele obala ukuthi impela kukhona okubilayo ngalaba badlali yize uBrilliant Mkhathini, okhulumela AmaZulu ezwakale emanqika ngokuphumela obala.
“Uyabona nje leyo nto (esho ekaMaduna), yinto engekho nhlobo. Usengumdlali weqembu futhi-ke njengamanje usesigabeni sokululama sokugcina. Wenza kahle kakhulu ngokwazi kwami,” kusho uMkhathini.
“Uma kukhona okunye ngaye, kuyosebenza izinhlelo zangaphakathi.”
Mayelana noMagaqa, uMkhathini uvumile ukuthi zikhona izinhlelo zokuthi ashiye eqenjini kodwa wakhala ngokuthi umnyango wakhe ubunganikwa imininingwane egcwele ngalokhu kodwa usazophenya.
Nebala ubuye wathintwa uMkhathini, wabe eseqinisekisa ukuthi ngempela AmaZulu ayahlukana noMagaqa. Uvumile ukuthi kumayelana nendlela yokuziphatha komdlali kodwa wala waphetha ukwanda ngalokhu evika ngokuthi iqembu alifuni kukhulunywe kuze kungcole igama lomdlali ngoba usemncane.
Kubi ukuthi lugcine lungatholakalanga uhlangothi lukaMagaqa ngoba lize lashona ilanga engaluphenduli ucingo uMike Makaab, weProSport International, eyengamele izindaba zakhe. Awuphendulwanga umyalezo yize bekukhombisa ukuthi uwufundile obuthunyelwe ngeWhatsapp.
OlukaJazzman Mahlagane ophethe izindaba zikaMaduna, lona lukhale ezihlahleni nemiyalezo ayangaphendulwa.