Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, ayimkhathazi eyokwethembela kumgadli oyedwa u-Iqraam Rayners okunguyena yedwa osamshayele amagoli selokhu efikile eChloorkop.
URayners ongalibheki ipali kulezi zinsuku, ushayele iSundowns igoli ngesikhathi iguqisa AmaZulu ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership, eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, ngoLwesibili. Lo mgadli nguyena futhi oshaye inethi ngesikhathi amaBrazilians ehlula ngo 1-0 iRaja Casablanca yaseMorocco emdlalweni weCaf Champions League. URayners ugile iqembu lakhe lakudala, iStellenbosch FC, eshaya igoli belehlula ngo 1-0 kowePremiership ngesonto eledlule.
Lo mgadli osayinwe yileli qembu lasePitoli ekuqaleni kwale sizini, useshaye amagoli ayisithupha emidlalweni eyisishiyagalolunye yePremiership. Amathathu uwashaye kwiChampions League, amane kwiCarling Black Label Knockout. Lokhu kusho ukuthi useshaye inethi amahlandla angu-13 kule sizini ka-2024/2025.
“Cha, akungikhathazi lokho (ukwethembela kuRayners). Mhlawumbe bengizokhathazeka ukuba besingawakhi amathuba okushaya amagoli emidlalweni emithathu yakamuva esiyidlalile. Siyafika ebhokisini, nabadlali abaningi sibe namathuba okushaya amagoli. Nokho, nginethemba lokuthi kuzogcina kulungile, sishaye amagoli amaningi. Ngikholwa wukuthi asemaningi amagoli esisazowathola kubadlali bethu abahlukahlukene, hhayi kuRayners kuphela. Kuyinto ebalulekile nesijabulisayo ukuthi nguyena osasishayele amagoli,” kusho uCardoso.
URayners uphakathi kwabagadli abahlanu iSundowns ehlome ngabo kule sizini okukhona kubona uPeter Shalulile, u-Arthur Sales, uKobamelo Kodisang noLucas Ribeiro
UShalulie osalwa nokubuyela efomini yakhe endala, usashaye amagoli amabili kuphela, kanti uSales usashaye elilodwa.
UMiguel odabuka ePortugal othathe izintambo zokuqeqesha ngemva kokukhonjwa indlela kukaManqoba Mngqithi emasontweni amabili edlule, usayinqobe yomithathu imidlalo ehlezi ebhentshini leSundowns. Kulindelwe lukhulu kuyena.
AmaSandawane okuyiwona asaqhwakele kwi-log yePremiership, azovala unyaka ka-2024 ngokubhekana neRichards Bay FC emdlalweni ozoba seKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngoMgqibelo ngo-3.30 ntambama.