Kuzomele libuye selilandela ngemuva ochungechungeni lwe-One Day Internationals (ODI) iqembu lesizwe lakuleli labesilisa lekhilikithi kulandela ukunqotshwa yiPakistan ngamawikhethi amathathu emdlalweni wokuqala.
AmaProteas agqemeke engeqiwa ntwala sekusele kancane ukuthi umdlalo uqale eBoland Park, ePaarl, ngoLwesibili ntambama ngesikhathi kuhoxa umshwibi, uKeshav Maharaj, ngenxa yokulimala enyongeni. Indawo yakhe ithathwe oshwiba ngesivinini, u-Andile Phehlukwayo.
Kusheshe kwagqama ukuthi isikhala sikaMaharaj sizobonakala njengoba abashwibi be-spin bePakistan kuyibona abacindezele amaProteas, agcina eshaye ama-run angu-239 kuma-over awo angu-50, eselahlekelwe amawikhethi ayisishiyagalolunye.
IPakistan ikwazile ukuziphendulela isibhetha, yafinyelela kuma-run angu-242 sekusele amabhola amathathu, sekuphume abadlali abayisikhombisa.
Lo mphumela uchaza ukuthi amaProteas kuzofanele awunqobe umdlalo wesibili ozobanjelwa eNewlands Cricket Ground, eKapa, ngoLwesine ngo-2 ntambama ukuze azibeke ethubeni lokunqoba uchungechunge uma sekuyiwa kowokugcina ozodlalelwa eWanderers Stadium, eGoli, ngeSonto.
Umdlali wamaProteas, uHeinrich Klaasen, ohambe phambili ngokushaya ama-run angu-86 emabholeni angu-97 ngoLwesibili, unethemba lokuthi ezakhe zisengakwazi ukuvuka kulolu chungechunge.
“Kuyacaca ukuthi umoya ubuphansi egunjini lokushintshela ngemuva kwalo mdlalo. Sishwibe kahle ezikhathini ezithile phakathi nomdlalo kodwa sabuye sabadedela bashaya ama-run. Akuhlalanga kahle lokho kithina kodwa iqembu lihlezi libumbene noma kunzima,” kusho uKlaasen.
“Izinguquko ezenziwayo esikwatini ziyingxenye yemidlalo ekhokhelwayo. Bonke abadlali bangabantu abalungile futhi bayazi ukuthi yiliphi iqhaza okumele balibambe. Sibhekene nobunzima kule sizini kodwa kufanele sithole indlela yokuthola umgqigqo.
“Ngiyazi ukuthi sike saduma njengeqembu elingakwazi ukubhekana nabashwibi be-spin kodwa lokho singakulungisa. Yinto okufanele sigxile kuyona futhi nginesiqiniseko sokuthi sizothuthuka. Ngiyethemba ukuthi konke kuzohluka kancane emdlalweni olandelayo.”
Lawa maqembu azophinde abhekane kowesibili weTest ozoqala ngoJanuwari 3 eKapa. AmaProteas adinga ukunqoba okungenani owodwa wale midlalo ukuze azibekisele indawo.