IQEMBU lakuleli lekhilikithi labesilisa lizosibanga ne-Australia isicoco se-ICC World Test Championship emdlalweni ozobanjelwa eLord’s Cricket Ground, eLondon, ngoJuni.
AmaProteas azibekisele kuqala indawo kowamanqamu ngokunqoba iPakistan emdlalweni wokuqala wochungechunge lweTest eSuperSport Park, eCenturion.
I-Australia kudingeke ukuthi ilwe kakhudlwana yagcina, iphumelele ngesikhathi iguqisa I-india ngamawikhethi ayisithupha emdlalweni wokugcina wochungechunge phakathi kwalawa mazwe, yalunqoba ngo 3-1.
Lo mphumela ushiye i-Australia endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-63.73. I-India, enamaphuzu angu-50.00 ne-Sri Lanka enamaphuzu angu-45.45, ngeke besakwazi ukuyidlula ngisho kungenzekani emidlalweni esele yeTest kulo mzuliswano.
INew Zealand yaba ngompetha bokuqala be-ICC World Test Championship, inqoba i-India kowamanqamu eRose Bowl, eSouthampton, ngo-2021. I-Australia ithathe le ndebe ngo-2023 iqumba phansi i-India kowamanqamu owawuseThe Oval, eLondon.
“Ukunqoba uchungechunge ne-India sithole indebe yeBorder-Gavaskar kusho lukhulu kithina. Okwenza kukhetheke kakhulu wukuthi kulokhu ihambisana nethikithi lokuyodlala kowamanqamu eWorld Test Championship Final, nokuyinto esemqoka kakhulu kithina,” kusho ukaputeni we-Australia, uPat Cummins.
“Sihlezi sikhuluma ngale ndebe. Siyaziqhenya ngokuthi iphethwe yithina futhi sifuna ukuyoyivikela. Lona wumqhudelwano onesasasa kakhulu ngoba kufanele udlale kahle emazweni ahlukene, ngaphansi kwezimo ezehlukene ukuze ufinyelele emdlalweni wamanqamu. Sikubheke ngabomvu ukubuyela kuwona.”
AmaProteas ne-Australia bagcina ukuhlangana koweTest eSydney ngoJanuwari. Lowo mdlalo waphela kungekho evume ukugoba uphondo. Nokho, i-Australia yayisivele ilunqobile uchungechunge ngenxa yokuwina eBrisbane naseMelbourne.