UKWENZA inqwaba yamaphutha kuholele ekutheni iHollywoodbets Sharks inqotshwe yiqembu laseFrance, iToulouse, emdlalweni wamaqoqo we-Investec Champions Cup ngoMgqibelo ebusuku.
Nakuba iSharks iyihlanganisile iminyakazo ethembisayo kulo mdlalo kodwa ibibhuntshiswa ukupha izitha ibhola namaphenathi, yagcina ikhale ngaphansi ngo 20-8 eHollywoodbets Kings Park, eThekwini.
Ama-try amabili eToulouse ashaywe ngu-Emmanuel Meafou noBlair Kinghorn, kwathi uThomas Ramos wawabeka phakathi ngonyawo ama-conversion amabili namaphenathi amabili.
ISharks iphendule nge-try eyodwa kaJurenzo Julius nephenathi ekhahlelwe nguJordan Hendrikse.
Ukuhlulwa kulo mdlalo kushiye iSharks endaweni yesine kuPool 1 ngamaphuzu amahlanu emidlalweni emithathu. Amaqembu amane azophuma phambili eqoqweni ngalinye azongena kwi-Last 16.
ISharks iwashiya ngamaphuzu amahlanu amaqembu amabili ayilandelayo okuyi-Ulster ne-Exeter Chiefs. Lokhu kusho ukuthi idinga ukuthola okungenani iphuzu emdlalweni wayo wokugcina wamaqoqo neBordeaux Begles eFrance ngeSonto ntambama ukuze idlulele phambili.
“Sidlale neqembu elikhulu, kuyacaca ukuthi yiqembu elisezingeni eliphezulu. Asikwazanga ukugcina ibhola isikhathi eside ngokwanele esiwombeni sokuqala ukuze sifake ingcindezi ngendlela ebidingeka,” kusho umqeqeshi weSharks, uJohn Plumtree.
“Besibudedengu okuyinto engidumazile futhi esixoxe ngayo ngesikhathi sekhefu. Besidinga ukugcina ibhola ngesiwombe sesibili futhi ngicabanga ukuthi sikwenzile lokho kodwa hhayi ngokwanele.”
Khonamanjalo, amanye amaqembu akuleli adlala kwiChampions Cup, iVodacom Bulls neDHL Stormers, athole imiphumela ehlukene emidlalweni yawo.
IBulls ibuye ilambatha lapho ixetshulwe khona yiCastres Olympique ngo 49-10. Lo mphumela ushiye leli qembu lasePitoli lisemsileni kuPool 3 ngeqanda emidlalweni emithathu.
Ngeke lisangena esigabeni somkhumulajezi kwiChampions Cup kodwa lisengehlela kweyomkhumulajezi kwiChallenge Cup uma linganqoba ngenqwaba yamaphuzu owokugcina wamaqoqo elizowudlala neStade Francais ngoMgqibelo.
IStormers iwagcinile amathemba okudlulela kwi-Last 16 yeChampions Cup ngokubhubhudla iSale Sharks ngo 40-0 eCape Town Stadium.
Lo mphumela ubeke leli qembu laseKapa endaweni yesine kuPool 4 ngamaphuzu amahlanu emidlalweni emithathu. Lizodlala umdlalo walo wokugcina neqembu laseFrance, iRacing 92, ngoMgqibelo ebusuku.