Kaizer Chiefs (1) 3
Chippa United (0) 0
IKaizer Chiefs izigcine embangweni wendebe yokugcina yomkhumulajezi kule sizini ithela phansi iChippa United ngo 2-0 kowe-Last 16 weNedbank Cup eFNB Stadium ngoMgqibelo ebusuku.
Igoli lokuqala liqhamuke kuGaston Sirino esiwombeni sokuqala, amanye ashaywa ngu-Inacio Miguel noPule Mmodi kwesesibili.
Amakhosi asheshe alugqobhoza udonga lwasemuva lweChippa ethola igoli ngomzuzu ka-13. UThabo Cele ubone uReeve Frosler ngakwesokudla olibeke ezinyaweni zikaSirino obengamakwe muntu maphakathi nebhokisi.
Lo mdlali wase-Uruguay akacucuzanga, wadedela ishodi agcine ngokulibuka liyongena enethini unozinti weChippa, uStanley Nwabali.
Lo nozinti odabuka eNigeria wenze isiqiniseko sokuthi umonakalo awubi mubi kakhulu evimba amabhola abekhahlelwe nguTashreeq Morris ngomzuzu ka-22 noka-29.
OweChiefs, uBruce Bvuma, ubengekho matasa esiwombeni sokuqala kodwa usebenzile ngomzuzu ka-45 evimba ishodi elishaywe nguGiovanni Philander engaphandle kwebhokisi.
UNwabali ufake iqembu lakhe enkingeni ngomzuzu ka-74 ehluleka ukubamba ibhola ebelizihambela lodwa. Liwele ezinyaweni zikaMduduzi Shabalala, kwaphoqeleka ukuthi lo nozinti amthele phansi ebhokisini, kwadaleka iphenathi.
Kuphakame isitobha, uMiguel, sayibeka enethini simlahle samqeda uNwabali.
Igoli lokugcina elingcwabe iChilli Boys lingene ngomzuzu ka-89 ngesikhathi uNwabali edidwa yishodi likaRanga Chavaviro, uMmodi walivalela phakathi esephambi kwepali.
Amakhosi ajoyine amaqembu amahlanu abesevele ezibekisele izindawo kuma-quarterfinal okuyiSuperSport United, Stellenbosch FC, Durban City, Marumo Gallants ne-Orlando Pirates.
IMamelodi Sundowns izobhekana neMpheni Home Defenders eLucas Moripe Stadium ngeSonto ngo-3 ntambama.
Iqembu lokugcina elizongena kuma-quarterfinal lizoqhamuka emdlalweni ozoba phakathi kweSekhukhune United nelizodlula kowe-Last 32 phakathi kweRoyal AM neMilford FC.
Lo mdlalo akukacaci ukuthi uzodlalwa nini kwazise iThwihli Thwahla isabhekene nezinkinga zemali eziholele ekutheni ingakwazi ukumelana nezidingo zokuya emidlalweni.