KUZOVUKA amagqubu emdlalweni wamaBhokobhoko neNew Zealand abafakwe eqoqweni elilodwa izolo ekuseni ngesikhathi kuqhathwa amaqembu azobanga isicoco seNdebe yoMhlaba ngo-2019 eJapan.
AmaBhokobhoko afakwe kuPool B lapho ezotholana khona phezulu neNew Zealand, Italy, yiqembu elizodla umhlanganiso eqoqweni elokuqala kweyokuhlunga e-Afrika nelinye elizophuma phambili kweyokuhlunga eRepechange. INdebe yoMhlaba izokuba seJapan kusuka ngoSepthemba ize isongwe ngo-Okthoba.
Ngo-2015 eNdebeni yoMhlaba ebise-England ama-All Blacks yiwona ashiye kukhihlwa esikaNandi eNingizimu Afrika ngesikhathi equmba phansi amaBhokobhoko ngo-20-18 eTwickenham Stadium, eLondon, e-England.
INew Zealand igcine
ikhale yemuka nesicoco okuyenze yaba yiqembu
lokuqala emlandweni weNdebe yoMhlaba ukuvikela isicoco seWebb Ellis. Ngo-2011 iyona
futhi eyakhonya kade ingosokhaya.
AmaBhokobhoko agcina ukuphuma ehleka enkundleni eNdebeni yoMhlaba uma ebhekene neNew Zealand
ngo-1999.
Elakuleli laqumba phansi
ama-All Blacks ngo-22-18 eMillennium Stadium, eCardiff, eWales bebanga indondo yethusi.
Ngo-2019 la maqembu azobe eqala ukuhlangana kweyamaqoqo.
Agcine ukuhlangana ngonyaka odlule kuRugby Championship lapho amaBhokobhoko aphendulwa ihlaya emuhluzwa ngo-57-15 eKings Park Stadium, eThekwini.
Amabhokobhoko sekuphele iminyaka emihlanu ehlulwa wukushaya iNew Zealand.
Esewonke amazwe aqhathwe kanje:
Pool A: Japan, Play-off winner, Europe 1, Scotland ne-Ireland
Pool B: South Africa, Africa 1, Italy, New Zealand ne-Repechange winner.
Pool C: Oceania 2, Americas 2, Argentina, France ne-England
Pool D: Americas 2, Oceania 1, Georgia, Wales ne-Australia.