Mamelodi Sundowns (0) 1
Orlando Pirates (0) 2
I-ORLANDO Pirates ivikele irekhodi lomqeqeshi wayo seliyoshona ngokwehlula iMamelodi Sundowns emdlalweni wamanqamu weNedbank Cup, eMbombela Stadium, eMpumalanga, ngoMgqibelo ntambama.
Igoli leSundowns lishaywe nguThemba Zwane esiwombeni sesibili. AwePirates abekwe enethini nguPatrick Maswanganyi bekuyiphenathi, uRelebohile Mofokeng washaya elesibili umdlalo usuyophela.
IPirates idlale owamanqamu wesine ngaphansi komqeqeshi uJose Riveiro ongene enkundleni ephethe irekhodi lokungahlulwa kowamanqamu selokhu afika eMzansi ngo-2022. Wawina indebe yeMTN8 ngo-2022 ehlula AmaZulu, wayiphinda eshaya iSundowns ekuqaleni kwesizini. URiveiro unqobe iNedbank Cup ehlula iSekhukhune United nyakenye. Nasemidlalweni yeligi emibili kule sizini, alikho eligobe uphondo phakathi kweSundowns nePirates.
Ngakolunye uhlangothi, umqeqeshi weSundowns, uRhulani Mokwena ubebheke ukuziphindiselela kuRiveiro omephuce iqatha emlonyeni koweMTN8 eThekwini. Ukwehlulwa kweSundowns kusho ukushabalala kwephupho lokuwina izindebe ezintathu ngesizini. Iwine eye-African Football League (AFL) nesicoco seDStv Premiership.
Ukuminyana kwezindlela ezibheke eMbombela, kuholele ekutheni umdlalo uqale emuva kwemizuzu engu-15. Kushaye ihora lesithathu, obekumele uqale ngalo, kusasele izikhala enkundleni ekubeni amathikithi edayise wonke.
Amaqembu anele angena enkundleni, kwachwaza. ISundowns edlale ngaphandle kwesethenjwa, uPeter Shalulile okuvele ukuthi unomkhuhlane, ifake ingcindezi zibekwa. U-Aubrey Modiba uvalwe nguThabiso Monyane ebhokisini sekuvalwe amehlo ngomzuzu wesibili. Ngomzuzu wesithupha, unompempe uSikhumbuzo Gasa uyikhombe emlotheni ngemuva kokudlaliswa kwabi kukaKhuliso Mudau ebhokisini.
Ishaywe nguLucas Ribeiro kodwa wayivimba unozinti wePirates, uSipho Chaine. Abalandeli bePirates bakhombise ukungenami ngezinqumo zikaGasa, baqala bajikijela izinto enkundleni. Ngokuhamba kwesikhathi, eZimnyama ziqalile ukuswambuluka, zakha amathuba. Nokho unozinti weSundowns, uWilliams ubekhombisa ukuphaphama evimba amabhola abethunyelwe nguMaswanganyi ngomzuzu ka-17 noDeon Hotto ngoka-23.
Esiwombeni sesibili, iSundowns ibuye isikhiphe uGrant Kekana yafaka uJunior Mendieta. Lokhu kusheshe kwathela izithelo. UMendieta uphenduke umvusi wenyamazame ebholeni eligcine liqotshelwe phakathi nguZwane ngomzuzu ka-53. Emuva kwaleli goli, iSundowns iqhubekile nokufaka ingcindezi kwiPirates. Kodwa womabili amaqembu kade ephunyukwa yibhola kalula, ikakhulukazi esiswini. Ngomzuzu ka-59, uGasa uyikhombe emlotheni ngemuva kokudlaliswa kabi kukaMaswanganyi ebhokisini. Uvuke lapho wayishaya phakathi. Emuva kwalokho, iPirates ibuye ngomdlandla kodwa bekunzima ukwakha amathuba acacile okushaya amagoli. Ngomzuzu ka-90, uMofokeng obesuka ebhentshini, ushayele iPirates igoli lokuwina emuva kokuqeda ngabadlali basemuva beSundowns kade ethole iphasi enhle kuMonnapule Saleng.
URiveiro akazange abe nawo amaningi ekhuluma kwiSuperSport ngemuva komdlalo ngaphanele kokujabulela ukunikeza abalandeli “abebekufuna”.
“Buka nje le njabulo (esho ekhomba). Yikhona lokhu obekulindelwe i-Happy People futhi sikwenzile. Sikwenze sibhekene neSundowns okungekho lula ukuthi ubuye ngemuva usubhekene nayo. Basenze sasebenza imizuzu engu-90. Sizame konke okusemandleni. Ngihalisela wonke umuntu oyingxenye yePirates, kusuka kusihlalo nabadlali. Nami ngiyazihalalisela,” kusho uRiveiro.
UMokwena ephawula kwiSuperSport, uthe: “Angazi kwenzakaleni kodwa ke ibhola libuye libe nesihluku. Sigeje iphenathi, bathola eyabo baphinde bashaya negoli. Kodwa ke siyayibongela iPirates. Sizothatha izifundo, siqhubekele phambili. (Kodwa) Ukukhuluma iqiniso angazi sihlulwe kanjani kulo mdlalo. Bekuneqembu elilodwa enkundleni.”