KUBHEKWE iVodacom Bulls ukuthi iqhubeke nokundizisa ifulegi lakuleli emqhudelwaneni omkhulu wombhoxo i-United Rugby Championship.
Leli qembu lasePitoli lizogadulisana nelase-Ireland, iLeinster, emdlalweni owandulela owamanqamu ozodlalelwa eLoftus Versfeld kusasa ngo-4 ntambama.
Ngesikhathi amaqembu akuleli eqala ukuba yingxenye yalo mqhudelwano ngesizini ka-2021/22, isicoco sadliwa yiDHL Stormers, inqoba iBulls kowamanqamu.
IStormers yaphinde yafinyelela kowamanqamu ngesizini ka-2022/23 kodwa yaphucwa indebe yiqembu lase-Ireland, iMunster.
IBulls idlulele kweyomkhulajezi kulo mqhudelwano ohlanganise amaqembu akuleli nawase-Ireland, Wales, Scotland nase-Italy ngokuqeda endaweni yesibili kwi-log, yaphinde yanqoba elase-Italy, iBenetton, ngo 30-23 kuma-quarter-final.
ILeinster ilale endaweni yesithathu kwi-log ngaphambi kokukhipha omkhaya bayo, i-Ulster, ngo 43-20 kuma-quarter-final.
Ngesikhathi iBulls neLeinster bebhekene kowamaqoqo ngoMashi e-Ireland, kwanqoba iqembu lasekhaya ngo 47-14.
Umqeqeshi weBulls, uJake White, uthe nakuba kulindeleke ukuthi iLeinster ibaphinde ngesibhaxu kodwa likhona ithemba lokuthi bangayijikela njengoba bezobe bedlalela ekhaya kulokhu.
“Sekusele imizuzu engu-160 yombhoxo kulo mqhudelwano. Uma sikhuluma iqiniso, akekho obecabanga ukuthi iBenetton ingasihlula kuma-quarter-final kodwa kwale kancane ukuthi isinqobe. Iningi labantu libona singenalo ithuba lokunqoba iqembu elifana neLeinster noma iMunster ngoba lawa ngamaqembu ahamba phambili emhlabeni,” kusho uWhite.
“Kodwa-ke, kwesinye isikhathi kumnandi ukuba kulesi sikhundla, lapho abantu bengalindele ukuthi uwine. IBenetton ikhombisile ukuthi uma uzimisele unganqoba noma yimuphi umdlalo womkhumulajezi.
“Akumele ngisho okuningi ukuze abadlali balungele ukubhekana neLeinster. Yasibulala ngesibhaxu sigcina ukubhekana nayo. Okuhle kakhulu wukuthi yasishaya ngo 31-3 kowamaqoqo ngesizini yethu yokuqala kwi-URC, kodwa sayishayela enkundleni yayo kowandulela owamanqamu. Sizobe singaqali ukubhekana nale simo”
ILeinster iqeqeshwa ingwazi yase-Ireland, u-Leo Cullen, owayengumqeqeshi wamaBhokobhoko, uJacques Nienaber, uyingxenye yethimba layo labaqeqeshi. Lokhu kusho ukuthi inolwazi oluthe xaxa mayelana nesitayela sombhoxo esidlalwa amaqembu aseNingizimu Afrika.
Omunye owandulela owamanqamu e-URC ozoba phakathi kweqembu elivikela isicoco, iMunster, neGlasgow Warriors yaseScotland, eThomond Park, eMunster, kusasa ngo-7 ebusuku.