BAYIVUMILE induku abeseNigeria ngemuva kokugilwa yiNingizimu Afrika equmbe phansi amaSuper Eagles ngo 2-0 kowokuhlungela i-Africa Cup of Nations eseCameroon ngo-2019.
Umdlalo obuseGodswill Akbapio International Stadium lapho amagoli kaTokelo Rantie noPercy Tau enikeze iNingizimu Afrika amaphuzu amathathu.
Bephawula ekhasini lamaSuper Eagles le-Twitter, kwi-@NGSuperEagles, bathe bazofunda emaphutheni abawenzile emdlalweni weBafana Bafana.
“Siyayihalalisela iBafana Bafana ngempumelelo yayo. Siphoxekile ngomphumela wangoMgqibelo. Imimoya yethu iphansi futhi sigebise amakhanda ngoba asizange sijabulise abalandeli bethu. Sizimisele ngokuvuka sizithathe ngokushesha, sifunde kulokhu kuhlulwa. Kumele sibuye sesiqinile kunalokhu. Sithatha lokhu njengokusivuse emaqandeni, akusisona isigwebo sentambo.”
Umqeqeshi weNigeria, uGernot Rohr, ubeze kulo mdlalo engakahlulwa emidlalweni emihlanu selokhu ethathe izintambo ngo-Agasti.
Umdlali wasesiswini weBafana, uBongani “Ben 10” Zungu osibambe sathula isisu noDean Furman, uthe ukungatatazeli yikhona okube wukhiye ekunqobeni kwabo.
“Ngicabanga ukuthi kumele kunconywe iqembu lonke ngokungatatazeli, ikakhulukazi emizuzwini yokuqala esiwombeni sokuqala ngesikhathi bezama ukusihlasela ngamandla befuna igoli. Besingashaya inqwaba yamagoli. Lo mphumela muhle kakhulu eqenjini lonke,” kusho uZungu esitatimendeni seSafa.
UZungu ubedlala okokuqala kwiBafana ngemuva kokunyamalala isikhathi eside ehlushwa wukulimala.
Indlela adlale ngayo ikhombisile ukuthi kungani efike waphenduka isethenjwa eqenjini lakhe iVotoria SC ePortugal lapho ezobe egijima kwi-Europa League ngesizini ezayo.
“Ngijabule kakhulu ngomphumela, uzoletha injabulo ezweni lonke,” kusho uZungu.