UKUSHAYWA indiva kodokotela bengqondo ebholeni laseNingizimu Afrika yikhona okuholela ekutheni abadlali bahluleke ukumelana nezingqinamba abahlangabezana nazo ebholeni, bagcine baphume endleleni.
Lona wumbono kaTeko Modise owayedlalela be-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns. Ngomunye wabadlali ababengaconsi phansi kubalandeli bebhola eMzansi abadlale emqhudelwaneni weNdebe yoMhlaba ka-2010 kuleli. UModise ubekhuluma ngesihlava “sokuhlupha” kwabadlali eMzansi abagcine lishabalele ikusasa labo ebholeni.
Iningi labo licekelwa phansi wuphuzo oludakayo kusheshe kuphele ngabo ekubeni kukade kubhekwe lukhulu kubona. Kulaba badlali kukhona uLerato Chabangu owadlalela iSundowns osanda kuphumela obala ngokuthi usedla imbuya ngothi, uThabiso Malatsi owayedlalela iKaizer Chiefs noSipho Nunes owayibamba kumaBrazilians.
Nakuba uModise ubekade ethandwa kodwa uphendulwe ihlaya esekwiPirates ngenxa yokungawini izindebe naleli qembu. Uwine indebe yakhe yokuqala esegijima kwiSundowns ngaphansi komqeqeshi, uPitso Mosimane.
“Kuzoba nzima ukuyinqanda lento ekutheni iqhubeke ngoba ebholeni asinawo futhi asikholelwa kumaSports Psychologist. Sicabanga ukuthi lezi zinto azenzeki kubadlali. Uma bedlala asizitsheli ukuthi kukhona okwenzekayo ezingqondweni zabo futhi sibona kulula. Asiziqondi izinselelo ezihambisana nodumo nokwaziwa. Ngibhekane nakho kaningi.
“Yimina umdlali ogxekwe ukubadlula bonke ezweni, ngeyiswa kakhulu. Ngesikhathi ngihlangabezana nazo zonke lezi zingqinamba, akekho umuntu engangingakhuluma naye, owayengakuqonda engangibhekene nakho ngoba yayingekho iSports Psychologist. Okwenzeka kimina angikaze ngiphinde ngikubone kwenzeka komunye umdlali. Wayengekho ngisho umdlali, odlale ngaphambi kwami, owayethi woza ngikhulume nawe ngaphambi kokuthi uphume endleleni, uqale ukwenza ezinye izinto,” kusho uModise.
Ngesonto eledlule kusabalale i-video kaThembinkosi Lorch weSundowns ebonakala ephuzile enabesifazane. Lokhu kumfake enkingeni eqenjini nakuba lingakaphumeli obala ngesinyathelo azothathelwa sona. ULorch ubengaqali ukuba senkingeni kwazise esekwiPirates uboshelwe ukushaya isinqandamathe sakhe. Kuyimanje udonsa isigwebo seminyaka emithathu engaphandle engatholakali necala elifanayo. UModise uthe abadlali bakhalela usizo.
“Sonke siyawenza amaphutha. Kuyishwa ukuthi amaphutha ethu aphumela emphakathini ngoba sisemehlweni awo. Ngeke ngihlale lapha ngivikele i-video eniyibonile, sonke siyibonile. Wudaba iMamelodi Sundowns okufanele ibhekane nalo. Anginalo ilungelo lokukhuluma ngalo. Kodwa njengoba nami ngangiwumdlali, yisimo esinzima sidinga usizo ngezindlela ezihlukene.
“Kwesinye isikhathi asazi ukuthi sikhalela usizo. Siyabadelela abantu abanjalo futhi sibachilizela kude. Emuva kweminyaka emihlanu sikhuluma ngabo ukuthi sithi balicekele phansi ibhola labo ekubeni singaziqondi izingqinamba abadlali ababhekana nazo. Ngiyakholwa ukuthi kufanele sibasondeze eduze abantu abakhalela usizo, sithole ukuthi yini inkinga yabo esikhundleni sokukhuluma ngabo emuva kweminyaka eyisihlanu usubatshela ukuthi ngangikweseka kodwa walilahla ikusasa lakho. Inkinga sicabanga ukuthi abadlali abanazo izinkinga.”