KHETHA SANGWENI
OMUNYE wabesifazane ongenele umcintiswano wezindondo iSebenza Women Awards, uNksz Thando Chisana uthi kuyamkhathaza ukuthi abesifazane baqome ngoba befuna ukunakekelwa ngamadoda futhi kufanele kuphele lokho.
Lezi zindondo zineminxa ewu-15 kanti kuzoqhudelana abesifazane bemikhakha ehlukene. Umcimbi uzoba ngoSepthemba 2 nonyaka.
NgoLwesihlanu kumenyezelwe abokugcina abazoqhudelana uma sekuklonyeliswa abesifazane abenze kahle emikhakheni ehlukene. Kuzobe kungokwesine kwenziwa umcimbi.
UNksz Chisana ungenele umunxa weSebenza Women Champion neBusiness Champion futhi unethemba lokuthi uzonqoba. Ungumnikazi wenkampani yezigcobo, UThando Glow Skin Care.
Uthe kufanele yande imikhankaso efana nalena, kufukulwe abesifazane.
“Kuyosiza lokhu ngokuthi kuqede umkhuba wokuthi abesifazane bathembele emadodeni ngoba agcina ebahlukumeza. Nginomkhankaso iYoung Women in Realtionship lapho ngisiza abesifazane abahlumezekile. Ngiyethemba ukuthi ngizonqoba njengoba ngifakwe kulezi zindondo,’’ kusho uNksz Chisana.
Uthe ukuba nesikhumba esibhedayo kwamgqugquzela ukuthi asungule umkhiqizo wesikhumba enganakile naye. Uthe kumanje umkhiqizo wakhe sewuyaziwa futhi abantu bayawuthakasela.