SESENYUKELE kubantu abangu-1 044 isibalo sabantu abahaqwe isifo samehlo uphenyane KwaZulu-Natal.
Izibalo zakamuva ezikhishwe wuMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal zikhombisa ukuthi kusukela ngeSonto, bese zingu-1 044 iziguli ezihaqwe ilesi sifo.
Izimpawu zaso zihlanganisa ukuvuvukala kolwelwesi lweso, ukukhala kweso nokuluma kwalo. Kulezi ziguli umnyango, uthe ezine zihlala ezindaweni ezingaphansi kukaMasipala Ugu ezingu-1 040 zihlala eThekwini.
Lesi sitatimende siqhuba sithi uMphathiswa walo mnyango, uNkk Nomagugu Simelane, unxusa abantu abazibona benezimpawu zalesi sifo ukuthi bavakashele emtholampilo noma kudokotela ngokushesha.
"Umnyango unohlelo oluqhubekayo lokufundisa umphakathi usebenzisa izinkundla ezehlukene zokuxhumana nemithombo yezindaba. Indlela yokusigwema ukugeza izandla nokuthi abanaso bagweme ukuhlala nabanye abantu noma bafake izinto ezivikela amehlo," kusho isitatimende.