ZIYANDA izinkinga kuMasipala weTheku njengoba enye inyunyana yabasebenzi enamalungu kuwona isiqale uhlelo lokuhlola ukuthi ngabe amalungu ayo ayafuna yini ukuya esitelekeni noma cha.
Inyunyana yabasebenzi i-Municipal and Allied Trade Union of SA (MATUSA), ithi inesitifiketi esigunyazayo ukuthi ingaya esitelekeni uma umqashi engagobi uphondo.
Mayelana nodaba lokuthi ifuna abasebenzi bakulo masipala abasesigabeni ucategory 10, bahole iholo elilingana nelabanye abasebenzi bakwabanye omasipala abangama-Metro, okuyinto ebifunwa yinyunyana iSA Municipal Workers Union (SAMWU) yaze yangena esitelekeni esingavikelekile esithathe amasonto amathathu.
UNobhala -Jikele wale nyunyana uMnuz Thulani Ngwenya, uthe le nyunyana enamamalungu angaphezulu kancane kwangu-5000 kulo masipala sekunesikhathi inesitifiketi eyasithola kwiNational Bargaining Council kodwa bebesaqhubeka nezingxoxo kwaze kwaba isonto eledlule lapho ibone khona ukuthi sekumele ithathe isinyathelo esilandelayo.
"Ngasekupheleni kwesonto eledlule siqale uhlelo lokuthi abasebenzi abangamalungu ethu bavote basho ukuthi bayafuna yini singene esitelekeni noma cha. Uma sithola amavoti asivumelayo ukuthi singene esitelekeni sizobe sesitshela umqashi ukuthi siya esitelekeni. Okwamanje asikazi ukuthi sizoluphothula nini uhlelo lokuvota.
“Okunye okusiphazamisayo ukuthi abanye babasebenzi bethu bathole izincwadi zokuqondiswa ubugwegwe ngenxa yokuthi bebengakwazi ukusebenza ngesikhathi kuqhubeka isiteleka seSAMWU, ” kusho UNgwenya.
USihlalo we-IMATU eThekwini uNksz Queen Mbatha uthe okwamanje abakehluleki ezingxoxweni ezikhona ezingeni likazwelonke, basazoqhubeka nokukhuluma nomqashi.
"Isiteleka usicabanga uma izingxoxo sezihlulekile, okwamanje asikahluleki," kusho yena.
Uthe abakuxoxa nomasipala okwabasebenzi abangamalungu abo abathole izincwadi zokumiswa nezokuthi bachaze ukuthi kungani kungamele baxoshwe.
"Amalungu ethu yize ebengekho esitelekeni bekunzima ukuthi asebenze ngoba abesatshiswa. Sinabo ubufakazi balokho. Njengamanje siyaxoxa nomqashi simkhombisa nobufakazi," kusho uNksz Mbatha.
UNkk Gugu Sisilana okhulumela uMasipala weTheku ebuzwa ngalokhu uphendule wathi umasipala ngeke uziphendule izindaba ezithinta noma iyiphi inyunyana yabasebenzi kwabezindaba.
“ Lukhona uhlaka olusemthethweni okuyi-Bargaining Council lapho zonke izindaba zabasebenzi nezikhalo kuxoxwa ngazo khona. Umasipala uyazihlonipha lezi zinqubo futhi uzoqhubeka nokuxoxa nezinyunyana zabasebenzi kulezi zinhlaka ezaziwayo.”kusho yena.